PHUMLANI GAMA
UNESIFISO sokuhlangana nemindeni ye-zisulu ezabhubha engozini yeloli oPhongolo ngo-2022 ngenhloso yokuxolisela indodana yawo – egwetshwe iminyaka ewu-20 yiNkantolo eNkulu oPhongolo ngoLwesine – umndeni wakwaSiyaya, KwaJobe, eJozini.
Ngesikhathi kwenzeka le ngozi, uSibusiso Siyaya (30), wayeshayela iloli lenkampani yamalahle, iBao Bao kaMnu Perry Masinga, esuka eMpumalanga, elibangise eRichards Bay. Wangena kulayini wezimoto ayephambana nazo, iloli lashayisana mahlanze neveni elithutha abafundi.
Kule ngozi kwadlula emhlabeni izingane eziwu-18 – eziphakathi kweminyaka emine kuya kwewu-14 ubudala – uMnu Lethukuthula Nkonyane (19) owayengumshayeli weveni noNkz Zinhle Mkhize owayenguthisha oyitoho, owayezithwele amawele.
Ngesikhathi kuqulwa icala, kuvele ukuthi uSibusiso wayeshayela ngesivinini esiphezulu ngoba efuna ukwenza imali ngokomthwalo wamalahle awuhambisa echwebeni laseRichards Bay. Kuthiwa wayehola ngokwesikalo somsebenzi wakhe. Kubuye kwavela nokuthi kwase kuphele izinsuku ezine
Amalungu emindeni yezisulu athi zisabhibha izinhliziyo ngokwenzeka, kodwa-ke akusekho angakusho ngokwesinqumo esikhishwe yinkantolo. UMnu Elphas Siyaya onguyise omncane kaSibusiso, uthe umndeni wakwaSiyaya unesifiso sokuhlangana nemindeni eyala-hlekelwa.
phumlani@ilanganews.co.za