NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI
SIYACELA bakithi ukuthi abantu bakwaZulu noma-ke abakwaMhlongo koninalume beSilo uShaka kaSenzangakhona, baphathente leli gama leLembe, kungenjalo, sengathi izimpama zabadlali be-wresting – ezishaya abantu kundize izingqoko – sisazozibona. AmaLembe asemathathu! ILembe 1; Quality Biyela, iLembe 2; uKhuzani Mpungose, sekukhona neLembe 3, uMthandeni Manqele aka Skhova! Ukuthi ngubani owaziqamba kuqala, akusasho lutho, vimbani bantwana bakaJama nani bantwana bakaMbhengi, ilamuleni, makube ngelokugcina leli Lembe. Uyazi sekungathi abaculi bakamaskandi balithenga esitolo sikaGovemder or sikaChing Chu Lee leli gama, balithola ngamanani aphansi. Phela isigcino sizozwa sekuthiwa noJaiva Zimnike useyiLembe uma kunje! Ngiyaye ngizwe kuthiwa isikhova siyathunywa ukuba siyogila imikhuba, kodwa lesi esizibambela mathupha sizigilele sona imikhuba singathunyiwe! Hhayi ngiyakwesaba Ngcokama Elisha. Manje ngoba abantu abaningi sebazi uQuality noKhuzani njengeLembe, uzothini uma uthi uyazihambela ngale moto yakho, bamemeze bathi: “Sawubona weKhuzanooo! Siyakuthanda Khuzo, uyezwa?” Hhayi awuthi ngithule ngizishayele ingoma: “Wangala ntomb’ yami eyangalayo, wangala ngingenalutho ngisahlupheka ngilal’ es’khumbeni. Bheka manje – sengaba yis’qumama, ngab’ ugibel’ iFortuner manje wazenza…”