NOMFUNDO NGWANE
IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
SISHAQISE umndeni isenzo sesikhulu samaphoyisa omgwaqo eVryheid, okuthiwa sidubule sabulala inkosikazi yaso eyisikhulu ejele laseMelmoth phambi kwendodana yabo eneminyaka ewu-14 ubudala, emuva kwalokho inhlamvu sayibhekisa ngakusona ngoMgqibelo ntambama emuva kokuba sithole ukuthi umkaso “uyajola”.
Kuthiwa uSuperintendent Zamikhaya Nyoka (50), udubule wabulala uNkk Fikile Nyoka ngoba emsola ngokujola emuva kokubamba imiyalezo ocingweni lwakhe lunemiyalezo emnandi ephuma esokeni.
Imithombo yeLANGA ilitshele ukuthi uMnu Nyoka obesevele emnuka umkakhe ngokujola ufonelwe ngowesifazane emcela ukuba akhuze inkosikazi yakhe, ayitshele ihlukane nomyeni wakhe.
Kuthiwa lona wesifazane ube esethumelela uMnu Nyoka isithombe senkosikazi yakhe inesoka layo, kubonakala ukuthi bayathandana. Yisona lesi sithombe okuthiwa sithele usawoti enxebeni, kwaphetha ngokuthi kuphume izidumbu.
NgoMgqibelo uMnu Nyoka uvuke waya emsebenzini, wabuyela ekhaya isimo sakhe singesihle emuva kokubona isithombe “sezimanga”, kwasuka ingxabano nenkosikazi.
Umthombo uthi baqale ngokuxabana endlini baze bagcina sebebambana ngezandla.
Uthi endlini bekumapeketwane kubonakala ukuthi bekuliwa.
Utshele ILANGA ukuthi uMnu Nyoka uqonde ekamelweni eyothatha isibhamu, uNkk Nyoka wathola ithuba lokuthatha ingane wangena emotweni ethi uzama ukubaleka.
Kuthiwa uMnu Nyoka ubalandele ngeyakhe, wabafica. Uqale ukudubula inkosikazi imoto ihamba, yadubuleka esiswini, kwadubuleka nendodana yabo esiswini.
Imoto kuthiwa iphaphalazile yayoshayeka onqenqemeni lomgwaqo, yabhajwa lapho.
Umthombo uthi uMnu Nyoka uphume emotweni, wavulela ngenhlamvu ebhekise kumkakhe.
Uqede ukudubula wangena emotweni yakhe waqonda kudokotela wabo wengqondo abebejwayele ukumsebenzisa nenkosikazi uma benezinkinga, wafika engekho.
Kuthiwa udlulele kumfundisi wasebandleni labo, nakhona wafika engekho.
Uphume emzini womfundisi wangena emotweni wabe eseyozidubula washonela khona lapho.
ILANGA likhulume nomzala kaMnu Nyoka, uNkz Sibusisiwe Nyoka, othe bewumndeni basathukile ngento eyenzekile ngoba bebengakaze bathole lutho ngokungezwani kwaleli phoyisa nomkalo.
“Besazi ukuthi konke kuhamba kahle phakathi kwakhe nenkosikazi yakhe.
“UZama ungifonelile ngoMgqibelo emini sakhuluma ngezinye izinto eziseceleni, ubezwakala engenankinga.
“Sithukile uma sesithola ucingo luthi sekwenzeke umonakala ofana nalo,” kusho uNkz Nyoka.
Uninalume kaMnu Nyoka, uMnu Mboneni Ndwandwe, uthi kusenzima ukuthi akholwe yinto eyenziwe ngumshana wakhe.
“Besingakaze sibikelwe lutho, bengazi ukuthi umshana uhleli kahle nomakoti emzini wabo edolobheni. “Mhlambe ukuba usheshe wasibikela ukuthi kukhona inkinga ekhona phakathi kwabo, besizozama ukubahlalisa phansi, ilungiswe bangaze bathathe isinqumo esibi kanje!” kusho uMnu Ndwandwe.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala, elokuzama ukubulala nedokodo lophenyo ngalesi sigameko.
nomfundo@ilanganews.co.za