SENZO SOKHELA
SIDINWE siyaveva isikhulu se-Orlando Pirates yimibiko eyama-nisa uGavin Hunt nale kilabhu njengoba sisola ukuthi yimizamo yokuphazamisa le kilabhu.
IKaizer Chiefs ikhombe indlela uGavin Hunt (osesithombeni) obengumqeqeshi wayo, ikhala ngokugqoza kwemiphumela. Akuphelanga sikhathi esingakanani kwabe sekusabalele imibiko ethi uHunt ulibhekisa kwiBucs.
Kuzokhumbuleka ukuthi abala-ndeli beBucs bahlela ukutelekela umqeqeshi uJozef Zinnbauer nje-ngoba bethi kabasamdingi.
UFloyd Mbele oyisikhulu esi-phezulu kwiBucs ebuzwa yileli phephandaba ngodaba lukaHunt, uvele wabhoka ngolaka njengoba esola ukuthi kukhona abantu aba-zama ukuphazamisa ikilabhu nje-ngoba ifuna ukuyisonga kahle iligi.
“Angazi ukuthi kungani abantu belokhu besitshela ngoGavin Hunt, sinaye thina umqeqeshi.
“Sinemidlalo emqoka ezayo, le nto elokhu ikhulunywa yimizamo yokuphazamisa ikilabhu.
“IPirates yikilabhu enkulu kabi, angeke ngaso sonke isikhathi silo-khu siphawula ngamahemuhemu alokhu ekhulunywa ezitaladini,’’ kusho uMbele obedinwe eqhuma.
Leli phephandaba lishayela uHunt izolo ngeSonto emini uthe: “Ngiyaxolisa okwamanje angikho esimweni sokukhuluma nabezi-ndaba’’.
* I-TS Galaxy inyomfe izinhlelo ze-Orlando Pirates iyiguqisa ngo-1-0 wegoli likaMasilakhe Pohlongo koweDStv Premiership izolo ngeSonto eMbombela Stadium, eMpumalanga.