Isikhulu seDowns sicacisa ngesizathu sokwenza iziqu zokuqeqesha

189

MFANAFUTHI NDLOVU 

UCACISA ngesizathu esiholele ekutheni enze izifundo zokuqeqesha uThlopie Motsepe ongumphathi weMamelodi Sundowns ezimisele ngokubuyisa isithunzi sayo emidlalweni yeCaf. UThlopie wethusa abaningi engena ohlelweni lwezifundo zokuqeqesha. 

Ekhuluma neLANGA emcimbini wale kilabhu wokuvukuza abalandeli abasha nokukhombisa abadala izinkomishi ezinqobile ngesizini edlule, obuseThe Workshop, eThekwini ngoMgqibelo – uthe obekumkhathaza kakhulu wukuthi uma enomhlangano nabaqeqeshi bezinhlaka ezincane, ubengakwazi ukuqonda izinkinga ababhekene nazo. 

Thlopie Motsepe reveal new signing Bongani Zungu during the DStv Premiership 2022/23 match between Mamelodi Sundowns and Kaizer Chiefs at Loftus Versfeld Stadiuml, in Pretoria on the 13 August 2022 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

Uthe bekumane kuhlwe emini kuyena, bagcine sebegxila kakhulu kwezemali.

“Yingakho ngabona kumqoka ukwenza lezi zifundo ukuze ngibenabo ngokwenhliziyo yokuqonda umdlali osemncane ebholeni lakuleli.

“Akukhona ukuthi ngifuna ukugada abaqeqeshi, ngifuna ukubona ukuthi ikusasa lisiphatheleni siyikilabhu. Ngeke ngikwazi ukukwenza lokho uma ngi-ngenalo nolwazi olwanele ngomkhakha wabaqeqeshi. Okunye wukuthi ngiyalithanda ibhola nokubona ikilabhu yenza kahle ezinhlakeni ezincane,” esho. 

Previous articleI-NFP ifunga ngokuhlwitha uMasipala waseZululand kwi-IFP
Next articleLiyadlondlobala ibhizinisi lowesifazane oliqale emuva kokuphelelwa wumsebenzi