MTHOBISI SITHOLE
IKHIPHE isidumbu impi yesikhwama sezincwadi eMbizweni High School, Kwa-F, eMlazi, eThekwini ngoLwesine.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umfundi ophucwe isikhwama sakhe – esolwa ngokuthinteka ekulahlekeni kwesikazakwabo – uhlasele esikoleni ephelezelwa ngowesilisa ongafundi kusona, ephethe isibhamu. Lona wesilisa ugcine ebulewe yilungu lomphakathi.
Kubikwa ukuthi umfundi wesikhwama uthumele uzakwabo wesifazane, ecela ukubizelwa lo anenkinga naye, ngoba onogada bebemvimba, bemsola ngokuthi uzodala impi.
“Usondele esangweni lo mfundi obebizwa, zathathana ngenqindi. Yilapho-ke umufi ekhiphe khona isibhamu, wadubula emoyeni.
“Akagcinanga lapho, ungene esikoleni ngemoto esiphethe ngesandla isibhamu, wajika eduzane kwasemahhovisi othisha, wabuya weza ngasesangweni, waphuma elokhu edubulile.
“Ngaleso sikhathi, ibisiqalile impi belwa abafundi. Ukuqhuma kwesibhamu yikhona okunyakazise umphakathi, ngoba besekunesililo esikoleni,” kusho umthombo.
Kuvela ukuthi ngesikhathi kutheleka umphakathi, umufi ubhekise isibhamu kwamanye amalungu owo abefuna ukumbamba.
Ngokusho kwabazibonele, kudubule ilungu lomphakathi eliphume nesibhamu emzini walo.
“Ngesikhathi sekudubula ilungu lomphakathi ebelizama ukuxazulula isimo, bangene emotweni babaleka kwasho ukuthi amandla abesephelile kumufi, okunguyena futhi obeshayela imoto edubula,” kusho umthombo.
Kuthiwa ushonele bude buduzane nesikole ebaleka nalo mfundi obesusa udlame. ILANGA Lempelasonto likhulume nabafu-ndi bakulesi sikole, abathi ukungaboni ngasolinye kwabafundi abathinteka kule mpi, kungenxa yesikhwama esilahlekile.
“Lona ohlaselile usolwe ngokweba isikhwama, abanye abafowethu – okubalwa yena lona alwe naye – basebemphuca esakhe,” kusho umfundi.
Iphunzile imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi .
UCol Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kusolwa ukuthi abesilisa ababili kuhlasele aesikoleni behlomile.
Uthe kushone owesilisa oneminyaka ewu-40 ubudala endaweni yesigameko.
mthobisis@ilanganews.co.za