Isikhuni sibuye nomkhwezeli kubasolwa “abadubule” amaphoyisa

240

INTATHELI YELANGA

AVUSWE yizulu lezandla amalungu ompha-kathi eLuganda, eMariannhill, eThekwini ngesikhathi kutholene phezulu amaphoyisa nabesilisa abasolwa ngobugebengu ngezintatha zangoLwesithathu. 

Kulesi sigameko kusale enkundleni abasolwa ababili. 

Ngokwesitatimende esithunyelwe ngamaphoyisa, ancinzwe indlebe wumphakathi ukuthi kuneqeqebana elithintekayo ezigamekweni zobugebengu elihlala komunye wemizi eLuganda.

Amaphoyisa anikele khona, azithela phezu kwabasolwa. 

Kuthiwa kube wukuwabona nje, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona, belunguze emawindini. 

Amaphoyisa nawo abe esephindisela. 

Endaweni yesigameko amaphoyisa athole izibhamu zohlobo lwe-9mm. 

Ngokwesitimende samaphoyisa, kuvulwe amacala okuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu nedokodo ngokufa komuntu. 

Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesibili eNanda amaphoyisa adubule abulala owesilisa okuthiwa ubethinteka esigamekweni sokubulawa kwephoyisa, uWarrant Officer Sthembiso Mazibuko, obesebenza ngaphansi kweNational Intervention Unit (NIU).

uW/O Mazibuko wadutshulwa wabulawa ngeledlule ngesikhathi amaphoyisa etholene phezulu nabasolwa eNtuzuma.

Kuleso sigameko amaphoyisa adubula abulala abasolwa abane. 

Previous articleUmakhelwane usole uSathane ebulala umfundisi
Next articleKuvuka iminjunju kowashonelwa yingane imuka nomfula