“Isilala” ehlathini induna esinde isocongwa 

436

SKHOSIPHI MTHEMBU

ISILALA ehlathini nomndeni wayo induna yaseZibune, eKranskop, esinde idutshulwa ngumuntu owaziwayo endaweni, ngoba eyisola ngokuthinteka ekufeni kwelungu lomndeni wakhe. 

UMnu Mafayela Mthembu, usindiswe wukubaleka ngesikhathi ehlaselwa. 

ILANGALempelasonto lithole ukuthi uhlaselwe ekuseni ngoLwesine, esendleleni eya enkantolo yesizwe. 

Kuthiwa uthe esamile, kwaqhamuka umsolwa wangabuza lutho, wavulela ngenhlamvu ebhekise kuyena. 

Ilungu lomndeni wenduna elikhulume naleli phephandaba – ngombandela wokuthi lingadalulwa ngenxa yobucayi bodaba – liveze ukuthi isilala ezintabeni ngoba isaba ukuthi umsolwa angabuya njengoba ehlulekile wukuyibulala.

Lithi inkinga iqale ngoMsombuluko ngesikhathi kubulawa owesilisa wasendaweni, okuthiwa isidumbu sakhe sitholwe sihlinziwe, ezinye izicubu zatholwa komunye umuzi khona endaweni. 

“Ngempelasonto edlule
bekunomcimbi komunye umuzi lapha endaweni, kanti ngoMsombuluko kuzotholakala isidumbu sowesilisa – ongowakhona lapha endaweni –  endlini yangasese. 

“Induna iye endaweni yesigameko njengomholi womphakathi, yafonela
amaphoyisa. 

“Ithe iselapho, kwafika abafowabo bakamufi bayilwisa, beyisola ngokuthi iyathinteka ekufeni kwakhe. 

“Ngenxa yokuqonda isimo nokuthi umndeni ubucasukile, induna yehlise umoya, yangaqophisana nawo. 

“Sisamangaliswe yilokho, ngoLwesine induna ibisendleleni eya enkantolo njengenjwayelo, kwaqhamuka u(ligagula umsolwa ngegama) wadubula ebhekise
kuyona, yabaleka,” kusho ilungu lomndeni wenduna.

Lithi induna ivele inyamanambana kwamanye amalungu omphakathi abengafuni ibekwe kulesi sikhundla. 

ILANGALempelasonto  likhulume neNkosi uMpendulo Cele – uMthembu ongaphansi kwayo – ethe umbiko ubusufikile kuyona. 

Ithe isibize imbizo ezoba khona maduze, ukuzama ukukhuza lo mhlola.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala
lokuzama ukubulala, amaphoyisa asaphenya. 

Ukuqinisekisile
nokutholakala kwesidumbu
ngoMsombuluko sinamanxeba okugwazwa, kanti nakhona bekungakaboshwa muntu.

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUxolise emndenini wakhe uthishanhloko evaleliswa esikoleni
Next articleInkosi esencane kayizimisele ngokuxhamazela ithathe undlunkulu