Isililo bephucwa uR200 000 wesitokofela

331

Abesifazane bangenelwe ngabesilisa ababili babakhomba ngezibhamu

MTHOBISI SITHOLE KUQHUME
isililo esigodini eNhloshane, eNkandla, kubanjwa imali yesitokofela engaphezulu kuka-R200 000 njengoba kuthiwa kungene abesilisa ababili
bayishaqa yonke ngoLwesibili. Ngokuthola kweLANGA, ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko bekuhlangene omama bendawo abangaphezulu kuka-20, kuqoqwa imali abazalanisa ngayo unyaka wonke ngokuyitshelekisa. Ngokwemithombo yaleli phephandaba, ingaphezulu kuka-R200 000 imali ebihlanganisiwe ngalolu suku. “Kubonakale imoto efike yama eduze komuzi obekuhlanganelwe kuwona, kwehla abafana ababili bangena ngaphakathi kulo muzi.


Bafike bakhomba wonke umuntu ngezibhamu, bayiqoqa yonke imali kubalwa nomakhalekhukhwini, bakufaka esikhwameni bashaya bachitha,” kusho umthombo. Lesi sigameko senzeke emzini wakwaMyaka oseduze komgwaqo obekuhlanganelwe kuwona. Kuvela ukuthi laba besilisa abahlasele lapha, kuthe uma sebeyithathile imali bakhiya ngaphandle isicabha, beshiya wonke umuntu obesendlini evaleleke ngaphakathi, bashaya bachitha. Emuva kokuzwakala kwesililo, kumenyezwa, kuthiwa bagcwale izintaba bebaleka nesikhwama esigcwele imali namafoni.

Ngenxa yalesi simo esishaqise umphakathi wakule ndawo, kuthiwa amadoda endawo aphume inqina becingwa emahlathini ababaleke bangena kuwona, asondelene nomfula uThukela. “Njengoba umfula uThukela ugcwele bebengeke bawele kalula, amadoda endawo ahambe ayonkanisa ebhulohweni elise-Khomfini elihlanganisa iNkandla noMsinga ngoba bekusolwa ukuthi izelelesi ngezaseMsinga okuyindawo esakhelene nayo, esehlukaniswe wumfula,” kusho umthombo. Kuthiwa imoto ifike yazishiya esangweni lomuzi izelelesi yahamba, okuyikhona okwenze ukuthi uma seziyithathile imali zibaleke ngezinyawo.

Kuvela ezithi bese kuqhuma izibhamu endaweni, kuphendulwanwa ngazo ngenxa yokuba muncu kwesimo. Umphakathi usole omunye wesifazane odabuka eMsinga, ogane kule ndawo yaseNkandla kuleli tulo lokubanjwa kwemali. Kuthiwa njengoba amadoda endawo ebekade enkanise emfuleni kwaze kwasa ngoLwesithathu, lona wesifazane ufike ngehora lesithathu ekuseni eyokha amanzi. “Umphakathi usole ukuthi ubekade ehlola isimo okuyikhona okwenze izinsolo zaqina,” kusho umthombo.


Elinye lamaphoyisa kule ndawo, lithi lona wesifazane osolwa wumphakathi ngokuntshontshwa kwale mali, ufike emuva kwesigameko ngosuku lokubanjwa kwenkunzi. Lithi besekulindwe yena nemali engakuyena. Lithi lokho kwenze kwasolwa okuthile. Omunye oyilungu lesitokofela ongathandanga ukudalulwa, uthe ukwebiwa kwale mali kuvuse ushukela kwabanye emphakathini. Uthi ngosuku lokuhlukaniswa kwemali akafikanga umsolwa, wathi ubambeke eMdlovane. “Abantu bayahlupheka emakhaya, bazama ukuphilisa izingane zabo ngale mali abayihlanganisa kanzima, bese kufika abafuna ukuyithatha kalula,” kubalisa leli lungu.


Kuthiwa amalungu omphakathi aphoqe amaphoyisa ukuba abophe umsolwa wesifazane. Ngo-Lwesine kuthiwa amaphoyisa ambophile umsolwa wesifazane okuvela ukuthi naye ukhiphe owesilisa bathathwa bonke. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo kuze kwashaya isikhathi sokuloba engakakuqinisekisi ukuboshwa kwabasolwa ababili esiteshini samaphoyisa eKhombe.
mthobisis@ilanganews.co.z

Previous articleOweDowns ubona ubunzima kwiCaf
Next article‘UTHOKO USAPHILA NGAPHAKATHI KIMI, NGILA NGIKHONA NGAYE’