Isililo isimo sezulu sidlula nemiphefumulo eMlalazi

223

INTATHELI YELANGA

KUNXUSWA izakhamizi zikaMasipala waseMlalazi ukubambisana nethimba lezinhlekelele ezimatasa zihlola umonakalo odalwe yizimvula ezinamandla ezishiye kukhalwa ngosuku olwandulela uNcibijane, njengoba kunemiphefumulo emibili edlule emhlabeni ngenxa yalesi simo, imindeni eminingi yasala dengwane.

Lezi zimvula zishiye izingxenye zalo masipala zingenawo ugesi, kwakhahlamezeka kwezakhiwo. Kusukela izolo, imenenja kamasipala, uMnu Njabulo Shandu, amakhansela, yithimba lezinhlekelele kulo masipala, amaphoyisa nabakwaSassa, bebelokhu bematasa behlola umonakalo. Kule nhlekelele kushone abantu ababili. Omunye weleleswe wumphezulu kwathi omunye wamuka nolwandle.

IMeya yaseMlalazi, uNkk Queen Xulu izwakalise ubuhlungu ngalo muga, yadlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonile. “Kuyacaca ukuthi umasipala wethu usuphenduke ‘isishozi’ sezinhlekelele njengoba sisazikhotha amanxeba ngenxa yenye eyahlasela ngoLwezi (November) 2021. Siwumasipala siyanxusa ukuba imiphakathi ibambisane namathimba ethu ezinhlekelele,” kusho uNkk Xulu. Uqhube ngokunxusa amalungu emiphakathi yamawadi akhahlamezekile – ikakhulukazi lapho kushayeke khona imigwaqo – ukuba ibekezele ngoba lukhona usizo ezoluthola.

Previous articleSichazwe njengensambatheka “engenaluzwelo” esikaMasipala weTheku ngoJojo 
Next articleSifisela amaNazaretha uhambo oluhle ukuya ezintabeni ezingcwele