Isililo kubulawa intatheli yephephandaba ISolezwe

493

UBongani obengumthwebuli-zithombe kuthiwa udutshulwe ngabantu abangaziwa ekubo

UMTHWEBULI-ZITHOMBE weSolezwe obulawe ngoLwesibili

UNGQEMEKE engeqiwantwala umkhakha wezindaba ngokudutshulwa kubulawe uqweqwe lomthwebuli-zithombe wephephandaba Isolezwe, ngaphansi kwe-Independent Media, ohlaselwe wabulawa ekubo eHammarsdale ngoLwesibili ebusuku. UMnu Bongani Mbatha (51), kuthiwa udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa. Kubikwa ukuthi kungqongqoze abantu endlini yakhe, okuthe uma uBongani evula umnyango, bangakhuluma lutho, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena. Bekungakacaci ukuthi yini imbangela yokubulawa kwakhe. UNkk Thenjiwe Ndlovu, ongudadewabo kaBongani omdala, uthi bengumndeni basadidekile ukuthi ngubani obengadubula umfowabo, njengoba ubengumuntu ozithulelayo futhi engasukeli muntu.


Uthi bathole umbiko eseshonile, bafika ekhaya isidumbu sakhe sesithathwe ngabasemakhazeni. “Bekusebusuku ngesikhathi ngithola ucingo lwesinye sezihlobo. “Singitshele ukuthi ngishayele ekhaya ngoba khona okwenzekile. “Ngishayele ekhaya ngathola ukuthi uBongani udutshuliwe. Sibe sesiphuthuma khona ukuyobheka ukuthi kwenzekeni. “Okusixakile wukuthi uBongani ubengakaze asitshele ukuthi khona axabene nabo, futhi ubengumuntu ozithulelayo. “Esifike sakuthola wukuthi kunabesilisa abafike baqonda egunjini lakhe lokulala eliseduzane nendlu enkulu, bafike bamdubula, wabaleka waze wayowela eduzane nendlu enkulu yasekhaya,” kusho yena. Eqhuba, uthi bayasola ukuthiababulali bamdubulele endlini yakhe ngoba kutholakale inhlamvu ngaphakathi, nokwenza basole ukuthi uqale wadutshulwa khona, wabe esephuma ebaleka.


“UBongani ukhule ehlala nami, ukuthwebula izithombe bekuyinto ayithanda kudala, kusukela ekhula,” kusho uNkk Ndlovu. Okhulumela amaphoyisa uCol Robert Netshiunda uthe kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa asaphenya. UMnu Mazwi Xaba, ongomunye wabaphathi e-Independent, ufanise uBongani njengozul’azayithole ngenxa yokuzinikela kwakhe emsebenzini. Uthi kule minyaka engaphezulu kweyishumi abayisebenze naye uBongani, bebengakaze babe nenkinga naye futhi ubezinikela, eya noma yikuphi lapho ethunywa khona wumsebenzi. “UBongani ubengumuntu ophansi futhi ezimisele emsebenzini, ngisho ngabe ubethunywa noma yikuphi, ubebuya nawo umsebenzi. “Usebenzele amaphepha ahlukene ngaphakathi okubalwa iSunday Tribune namanye njengoba eshone esekwiSolezwe.


“Ubengumuntu ophansi, isethusile indlela ahambe ngayo” kusho uXaba. Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini. Ihhovisi leSilo uMisuzulu izolo ngoLwesithathu likhalisane nomndeni kaMbatha, lathi ubengumthwebuli-zithombe ozithobile futhi enethalente eliyisimanga. “Sikhalisana kakhulu nomndeni wakwaMbatha ngokuwehlele “Sizomkhumbula ngemisebenzi yakhe emihle njengoba wayengomunye wabathwebuli ngesikhathi kutshalwa kabusha iNdlovukazi Thomozile Jezangani Ndwandwe, unina weSilo esesikhotheme uZwelithini kaBhekuzulu ngonyaka ka-2011. “Kuningi isizwe ebesisakulindele kuyena,” kusho isitatimende esikhishwe nguMntwana u-Afrika Zulu, wasoNkweni.

Previous articleUshayana ngamakhanda owoshonele phesheya
Next articleUkhala ngenyanga’emdayisele isigubhusika-R150 000 esingasebenzi’