Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Isililo kuguqa umdidiyeli wamabutho kaZulu

Isililo kuguqa umdidiyeli wamabutho kaZulu

by | 20 August 2025

IGUTSHUZELWE yifu elimnyama iNdlunkulu yesizwe samaZulu kulandela ukudlula emhlabeni koMntwana uFunda Zulu, obengumdidiyeli wamabutho aKwaMandlakazi. 

Umthombo weLANGA ulitshele ukuthi umufi uhlaselwe wukugula okumthathe izinsukwana, kwabe sekuyamenela. 

UMntwana Funda ubengumdidiyeli wamabutho aKwaMandlakazi, esekwa nguMnu Nkosikhona “Phakel’umthakathi” Ndabandaba odume ngokuqhuba imikhankaso yokukhuliswa kwezinsizwa, noKhathide “Tshath’ugodo” Ngobe ongumsakazi woKhozi FM. 

Umufi ubeteketiswa ngelikaSuper-loze (Super-Rose) uma egiya nalapho uma ehola ibutho lesizwe saKwaMandlakazi. 

“Bekungekhona okokuqala elaliswa esibhedlela ngenxa yokuhlaselwa yikhanda. Sishaqekile sonke uma sithola umbiko wokuthi akasekho emhlabeni,” kusho umthombo. 

ILANGA lixhumene noPhakel’mthakathi oshaye ngamafushane, wathi: “Ngishayekile uma ngithola umbiko, kodwa-ke akukho engizokuphawula njengoba indlunkulu ibingakasho lutho,” kusho uNdabandaba.

Ezisematheni

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

SEZIMKHALELE umsolwa wesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wemoto yakwaBolt ePretoria West ngoLwesithathu ebusuku. Isigameko sokuklinywa kubulawe lona wesilisa obeshayela kuBolt, okubonakale ebanjwa inkunzi , sishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana....

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa...

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo. Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide...