Isililo kushona intatheli yeLANGA

924

PHUMLANI GAMA

KUVULE igebe elikhulu emndenini wakwaMolefe ukushona kwentatheli ezimele, ebibhalela ILA-NGA, uMnu Tsepo Molefe (41). UMolefe ushonele esibhedlela i-Edendale, eMgungundlovu entathakusa ngoMgqibelo, emuva kokuhlatshwa wukugula okumxine inyanga. 

Ngokusho kukaNkk Sindi Nguse ongudadewabo kamufi, umfowabo ubexinwe yisifo esingaqondakali, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi uhlatshwe yiTB yamathambo. Uthe umndeni ushayeke kakhulu ngokudlula komfowabo emhlabeni, kwazise ubewusizo olukhulu kuwona. 

UMolefe wazalwa wakhulela eMpendle. Usebenze isikhathi eside engunogada emahhovisi eminyango kahulumeni ngaphansi kwezinkampani ezahlukene. Wasebenzisa imali ayeyihola ngokuba ngunogada wabhalisela ukwenza izifundo zobuntatheli. 

Uqale ukusebenza njengentatheli ephephandabeni lesiZulu UmAfrika. Akagcinanga lapho, wabuye waqashwa yiphephandaba elibhala izindaba zezenkolo, iNkazimulo. Eminyakeni eyedlule uqale ukubhalela ILANGA esebenza njengentatheli ezimele, ebhala kakhulu izindaba zezenkolo nezaabaholi bendabuko. Ushiye emhlabeni indodana. 

Uzobekwa endlini yakhe yokugcina eNzi-nga, eMpendle emathuneni omndeni ngoMgqibelo. 

UMnu Sipho Ngobese owayengumhleli weLANGA, uthe akulahlekelwanga umndeni wakwaMolefe kuphela kodwa nomkhakha wezindaba ulahlekelwe ngenxa yekhono likamufi. 

Umhleli weLANGA, uMnu Philani Mgwaba, uthe iphephandaba life olwembiza. “UMolefe ubenza umsebenzi oncomekayo. Silahlekelwe kakhulu. Sengathi umndeni ungaduduzeka kulesi sikhathi esinzima,”  kusho uMgwaba. 

phumlani@ilanganews.co.za 

www.ilanganews.co.za

Previous articleUsole umndeni ngetulo lokumbopha uMama Webhantshi
Next articleKuthiwa uneziqu zase-primary oxoshwe eyomakela u-matric