Isililo kuwa insika kamaskandi

337

UMaqhude ubeshayela isigingci sebhesi cishe bonke abaculi abadumile kulo mkhakha

UMDLALI wesigingci somculo kamaskandi uMaqhude Mkhize

MTHOBISI SITHOLE
SIKHULU isililo kubaculi bakamasikandi ngokudlula emhlabeni komdlali wesigingci obewumgogodla womculo wabo, uMaqhude “ayeqana” Mkhize waKwaMaphumulo, oshone ezintatha zayizolo ngoMgqibelo. Ubeshayela isigingci sebhesi inqwaba yabaculi bakamasikandi abahlonishwayo kuleli. Ushonele esibhedlela iCharlotte Maxeke, eGoli, emuva kokugula isikhashana. Ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba umkakhe, uNkk Mariah Mkhize, uthe ukugula kumqale ngesonto eledlule evuvukalelwa yizinyawo kodwa ethi kazikho buhlungu.


Uqhube wathi isimo sakhe besingakhombisi ukuthi sekungaze kumenele ukufa. “Kuthe kusenjalo wabe esebanenkinga yokuphefumula, engasakwazi nokukhuluma. “Udokotela uthe ngesikhathi (uMaqhude) ehlaselwa yisifo sikanhlangothi eminyakeni edlule, kwaphazamiseka inhliziyo nezinso kanti noshukela bekuyisifo sakhe, kwabe sekuhlangana konke kwamcindezela,” kusho uNkk Mkhize. UMaqhude wawa kwelinye lamagalaji okwetha uphethiloli ngoNdasa (March) wango-2020 eGoli, ehlaselwa yisifo sohlangothi, waphuthunyiswa esibhedlela. Inkakha kamaskandi uThokozani “Somnandi” Langa, ithi ife olwembiza indima kamasikandi ngokushona kukaMaqhude.


Uthe enye imfihlo ngoMaqhude wukuthi abaculi ubebasethela ngisho izigingci zabo okuyizona ezihola esebhesi. Uthi maningi amahlazo asazozwakala emculweni njengoba sekuhambe uMaqhude. “Inhlonipho ebikuMkhize iyesabeka. “Bekulula ukusebenzisana naye ngenxa yokuthi ubeshesha ukubamba ingoma. “Abanye abaculi bakamaskandi bebesethelwa nguyena izigingci zabo ngoba ngaphambi kokuba adlale isigingci sebhesi, wayedlala lesi esihola phambili (lead guitar) kwezomgxobanyawo. “Ikhono lakhe belingekho esigingcini sebhesi kuphela, kodwa-ke wabe esekhetha ukugxila kusona ngoba ethi akathandi ukwenza yonke into,” kusho uSomnandi. Uthi ubenekhono lokuzwa isigingci somculi uma siphuma kushuni, engakasifaki esakhe.


UShobeni Khuzwayo weZingane Zoma, ubabaze ukuba bukhali bukaMaqhude ekhonweni lakhe. Uthi ulwazi abenalo belubasiza kakhulu abaculi abaningi. “Ngicabanga ukuthi abaculi bakamaskandi bebekhetha ukusebenza naye cishe bonke ngenxa yokuthi ubevulelekile ngokolwazi abenalo emculweni, engalugodli. “Umqondo wakhe bewushesha ngendlela emangalisayo,” kusho uShobeni. Uthi bakhalisana nomndeni wakhe, nabathandi bomculo kamaskandi ngoba ubefana neqhawe labo bonke abantu kulo mculo. “Umqondo wakhe welekelele kakhulu eqenjini leZingane Zoma, esibonisa nokuthi umsindo (sound) masiwuhlele kanjani.


“Ubukhali bakhe bebumangaza kakhulu uma uzobheka isikhathi angene ngaso emculweni njengoba nathi sifike endimeni evele esebenzisana nabangaphambili kwethu kubalwa uMfazomnyama, kodwa ingqondo yakhe beyikwazi ukuhambisana nesikhathi somculo okubantu njengamanje,” esho. UMaqhude waqala ukudlala izigingci ngeminyaka yama-70s, wagxila kakhulu kwesebhesi ngama-80s.Omunye wabadlali besigingci omdala osemkhantshubomvu uMadoda “Dogzin” Ntshingila, uthi uqale ukwazana noMaqhude kulo msebenzi ngo-1989.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleUsiphendule umtholampiloisakhiwo ebesinganakiwe
Next articleKusuke umthwalokumculi kuhoxiswaicala lokudlwengula