Isililo ngengane (6) edephunwe ngama-pit bull akwamakhelwane yashona

338

TSEPO MOLEFE

KUSENZIMA ukwamukela emndenini wakwaMsomi eQutshini, eMpendle ukuthi kawusophinde uyibone indodana yawo (6), edephunwe ngama-pit bull amabili kade ivakashe kubo kayise eMgungundlovu ngeledlule.

Lesi sehlakalo kuthiwa senzeke ngoLwesihlanu ntambama, lapho izinja zakwamakhelwane wakubo kayise wengane ziyinephuze ngendlela ehlasimulisa umzimba. 

Kuvela ukuthi lezi zinja bezingasalawuleki uma abantu bezama ukuzisusa enganeni, egcine iphelela phambi kwabo, ingalutholanga usizo.

ILANGALempelasonto lithole lolu daba ngomthombo walo oKwaSanti, e-Elandskop, ocele ukuba igama lawo lingadalulwa. 

UNkz Thembeka Msomi, ongunina omncane wesisulu, ohlala eQutshini, uthe kunzima kubona bewumndeni ukwemukela okwenzeke enganeni. 

Uthe lesi sehlakalo sishaye kwezwela kunina kamufi, uNkz Sanelisiwe Msomi, kwazise bekunguzinyobulala wakhe. 

“Singakuthokozela ukuthola usizo lokwelulekwa ngokomqondo, ngoba le nto isihlukumezile. 

“Into enje kasiyazi, besiqala ukuyibona yenzeka lapha ekhaya. 

“Abebeye emakhazeni ukuyolungisa ingane, kabafuni nokusichazela,” esho.

UMnu Mhlaba Memela, okhulumela uMnyango wezokuThuthukisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uzwelane nomndeni oshonelwe. 

Ucele imininingwane yokuxhumana nomndeni ukuze bathumele osonhlalakahle abazowulekelela. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseBoston aphenya ngesigameko sengane okuthiwa ibulawe yizinja, kanti bekungakaboshwa muntu.

www.ilanganews.co.za

Previous articleAmaphoyisa azingela osolwa ngokudlwengula intombazanyana (10)
Next articleInjabulo eSilweni kuqanjwa umkhumbi ngeLembe