PHUMLANI GAMA
UZWAKALISE ukuthobeka ngomsebenzi aphakanyiselwe ukuwenzela isiZwe samaZulu, wokuba ngomunye wabadidiyeli bamabutho esizwe uNgizwenkosi Mchunu owayengumsakazi woKhozi FM, ozibiza ngomengameli wamabhinca.
Okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMntwana uSimphiwe Zulu, utshele abebeyingxenye yoMkhosi woMthayi esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma, ngoMgqibelo, ukuthi iNgonyama inqume ukusondeza uNgizwe kwesokudidiyela amabutho angamabhinca esizwe. “INgonyama inethemba lokuthi kuyona yonke imikhosi yasendlunkulu, asezobonakala amabhinca ehlobe ngamabhulukwe awo oBrentwood,” kusho umntwana.
Enikwa ithuba lokuphefumula uNgizwe, uthe ukwethenjwa ngomsebenzi wokudidiyela amabutho kumenza azibone ebalulekile endlunkulu futhi enze isiqiniseko sokuthi amabhinca ayabonakala emicimbini yasendlunkulu.