Sikhale ngabalwa nobukhosi ukuze kuqedwe ulimi namasiko
KNOWLEDGE SIMELANE
LUVUKE lubelethe enye ingebhe kumaZulu udaba lomhlaba ongaphansi kweNgo-nyama Trust, okuyinto egqame embizweni ye-Silo samaZulu, uZwelithini ka-Bhekuzulu ebisoNdini ngeledlule. lapha oNgangezwe Lakhe ukhale ngomkhankaso wokulwa
nobukhosi ukuze kuqedwe ulimi namasiko amaZulu.
Le mbizo ibihambisana noku- khumbula isigameko sokushiswa kwesigodlo seSilo uCetshwayo oNdini. Sashiswa ngesikhathi se-mpi kaZulu namaNgisi ayeholwa nguLord Frederick Chelmsford ngo-1879 – okwenzeka eminyakeni ewu-140 edlule. Iqale ngoMsombuluko yaze yaphela ngoLwesihlanu.
INkosi Mangosuthu Buthelezi engundunankulu kaZulu, ikhale ngokuthi yize uMengameli Cyril Ramaphosa wayethembise ukuthi umhlaba ongaphansi kweNgonya-ma Trust ngeke uthinteke uma ku-buyiswa umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, kodwa kunaba-ntu abaphezu kwemizamo yokuwu-hlwitha.
NgoLwesine ePrince Mangosu-thu Regional Stadium, lapho uZu-lu ububulala khona inyoka, iSilo neNkosi Buthelezi bakhanyisele isizwe ngokwenzeka oNdini ngesi-khathi amaNgisi eshisa isigodlo seSilo uCetshwayo mhla ka-4 ku-Ntulikazi (July) ngoba eziphindiselela ngokunqotshwa kwawo eMpini yaseSandlwana mhla ka-22 kuMasingana (January).
INkosi Buthelezi ithe endulo isi-Zwe samaZulu sasibhekene nezi-nselelo zezibhamu kepha namuhla sibhekene nesimo somnotho esi-ntengantengayo nokungabikhona kobulungiswa emphakathini.
“Njengoba sikulesi sikhumbuzo nje, sihlanganisa ndawonye ukugubha ulimi lwethu, isikompilo, umculo nobuchwepheshe obakha-yo ngoba sisiqonda isidingo sokuqinisa umoya wenhliziyo yesizwe sakithi. Abantu bakithi banokugula, ubunzima bokusimama kwama-ndla omnotho kuyasilimaza,” kusho iNkosi Buthelezi.
INgonyama kule mbizo izwakalise ukukhathazeka kwayo ngezimo eziningi ngesizwe sayo. Ithi ngesikhathi sikakhokho wayo, iSi-lo uCetshwayo, kwakunezinselelo kuhlaselwa isizwe, abamhlophe befuna ukuthatha umhlaba wamaZulu, sithi namanje kusenjalo, abafo baphume umkhankaso wo-kulwa nobukhosi ukuqeda ulimi, namasiko esizwe samaZulu.
Sinxuse amaZulu ukuba asuku-me avikele lezi zinto ezingamagugu kuwona. Sibonge iNkosi Buthe-lezi ngokuba wumbele esincele kuwo nangosizo analo ngamasiko nokwakhiwa kwesizwe, kusukela kusaphila uyise.
Sithe sizizwa sithokomele uma eseduze kwaso sabe sesinxusa bo-nke abantwana basendlunkulu ukuba basifukamele kwenziwe umsebenzi wesizwe, bangahambeli kude okwelanga lasebusika.
Nazi ezinye izinto iSilo esikhala ngazo:-
∗ Ukungabambisani kwabantwana basendlunkulu naso, kusetshe-nzwe;
∗ Kukhona abantwana abangafuni ukusebenza, abazinikele ezinkambeni zikaFaro;
∗ Ukwanda kwamavila afuna ukuphiwa;
∗ Abagaqele umhlaba
wamaZulu;
∗ Ukushiswa kwamaloli avela emazweni angaphandle nemibhi-kisho enodlame;
∗ Ukusetshenziswa budedengu kwemali yesibonelelo sikahulume-ni enikwa abantwana;
∗ Ukungcola kwezindawo kuba-lwa amadolobha nasemakhaya;
∗ Ukungathuthukiswa kwezolimo emiphakathini;
∗ Ukudlanga kobugebengu;
∗ Abantu abahweba ngamakho-nteyina oNdini, okuthiwa badayi-sela abantu ukudla okubolile.
Ngaphandle kwezinkulumo ze-Nkosi Buthelezi neSilo, ngosuku lokusombuluka kwembizo, okuwu-Msombuluko, kuqalwe ngezifundo nokubonisana mayelana nokuse-tshenziswa kolimi namasiko esizwe samaZulu, ziholwa ngabaqo-kwe yiSilo, okunguSolwazi Jabulani Maphalala noSolwazi Mbuzeni Mathenjwa.
NgoLwesibili lezi zinjulabucho-pho zihlangane namakhosi nezi-nduna kucotshelelwana ngolwazi. Kuvele ukuthi isiZulu sifa ezikole-ni, kuqhakanjiswa izilimi zaba-mhlophe.
USolwazi Maphalala uthe nanxa befisa ukwenza umsebenzi ngale nkinga, kodwa zifike ziyime emthumeni uma sekumele kuxha-swe ngemali, uhulumeni uvele uphathwe yinkwantshu.
Amakhosi anxuse ukuba kuvu-lwe isikole esizowaqeqesha ekuphatheni izizwe zawo, kuso kufu-ndiswe ngawo wonke amasiko
esintu.
Ube muhle umviliyelo wama-phoyisa ngoLwesihlanu, akhombi-se bonke ubuchwepheshe bale mi-hla nezikhali zesimanje ukulwa nobugebengu.
Akhuthaze intsha ukuba ijoyine umbutho uma inalezi zinto ezila-ndelayo:
• Umatikuletsheni;
• Izincwadi zokushayela;
• Ingabi namacala;
• Ukuba yizakhamizi zaleli zwe;
• Iminyaka esukela ku-18-30
ubudala;
• Ukungabi nemidwebo
emzimbeni (tattoo).
knowledge.simelane@ilanganews.co.za