PHUMLANI GAMA
SIBABAZE inhlonipho kwi-IFP iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi leli qembu liyosotha esiGodlweni KwaNkomo-nye, oNdini ngeledlule.
ISilo sithi sithobeke inhliziyo ngenhlonipho ekuleli qembu, okuphume umengameli walo, uMnu Velenkosini Hlabisa eyosibikela ukuthi bazofika.
INgonyama ithi amanye amaqembu avele atheleke nje esigodlweni engabikile.
âNgiyazi ukuthi iNdlunkulu iyikhaya lenu, kodwa ukuvele utheleke ungashongo kakuyona inhlonipho leyo. Lokhu okwenziwe yiNkatha kungikhombisile ukuthi asekhona amaqembu anenhlonipho.
âKungithokozisile ukufika kwenu ngoba baningi abebethi akahambe uMntwana waKwaPhindangene (iNkosi Mangosuthu Buthelezi) ongumsunguli waleli qembu, iNgonyama sizoyithola futhi sizoyithola ngenkani. Ukunibona nila kumele labo abebekhuluma babone ukuthi le nsimbi isiqine kakhulu kunakuqala,â kusho iSilo.
UHlabisa uthe inhloso ngokuyokotha iSilo, bekuwukuqinisekisa ukuthi iNkatha imile kulokhu eyakutshelwa nguMntwana waKwaPhindangene ukuthi iNgonyama yilena esesihlalweni futhi bazoqhubeka basebenzisane nayo, bayeseke kuzona zo-nke izinhlelo eziqhubekayo.
Uqhube wathi ngaphezu kokuqinisekisa ukweseka iSilo, bekungokokuqala besibona emuva kokudlula koMntwana waKwaPhindangene, yingakho bebeyosikhalisa ngokudlula kwakhe.
UMntwana Maphikelela Zuzifa Buthelezi uthe lapho kukhona khona iNgonyama, nabo bazoba khona ngoba noShenge ubenza njalo.
phumlani@ilanganews.co.za