MTHOBISI SITHOLE
SIYIFANISE nomkhosi wesizwe iNgoma kaZwelonke iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi sinxusa abantu ukuba bazibandakanye nalo mcimbi ozokuba mhla ka-22 kuNhlangulana (June), ePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini. Sinxuse amakhosi nezinduna ukuba badedele intsha iwuhambele lo mcimbi. Sithe ingoma ibaluleke kakhulu ekubunjweni kwesizwe ngokwesiko.
Umhleli weNgoma kaZwelonke, uMnu Xolani Mcineka, uthe lo mcimbi ngowesizwe njengoba neSilo siwamukele ngezandla ezimhlophe.
Kulo mcimbi kuzobe kungenwa mahhala, kodwa amatafula ezicukuthwane ayadayisa. Ithikithi lesicukuthwane liqala ku-R650, kanti amatafula aqala ku-R5 000 kuya ku-R15 000 – kuya ngesibalo sabantu abazohlala kulona. Imininingwane ngamathikithi ezicukuthwane, itholakala kule nombolo: 067 202 7790. Amagoso engoma azogida awu-64 ngokwehlukana kwezifunda okubalwa kuwona uShikishi, Amabhubesi, Amansiyane, Ubumbano, Ofezela, Abanini Bengoma Girls, uNtabankulu, Phakama Mbokodo, Ikhaya Labadala nabanye abaningi.
Kwifolo lomaskandi kuboshelwe uShwi, uThokozani Langa, uThibela, uLimit, uMroza, uQhosha, uFalabo, uJavia Zimnike, uGqizile, uSaliwa, uNjoko, uNtencane, uBhekihonga, uSmi-nofu, uMdumazi, uNgiga, iThole LeNdidane, iNkosi Yamagco-kama, uLihle Xhakaza, uShilisi, uMntuyenziwa, Imfezemnyama, uLagxabha, uMashelela, uLuve Dubazane, uJezekhulu, uSkhe-vane, uPolo, uCevuzile nabanye.
Lo mcimbi wesekwe wuMasipala weTheku, uMnyango wezobuCiko namaSiko, ILANGA, uhulumeni waKwaZulu-Natal naba-kwaCrawl.
mthobisis@ilanganews.co.za