isilomo sase-brazil sichitha eyokujoyina i-juventus yase-italy

485
UMDLALI wasemuva waseBrazil uMarcelo ogijima kwiReal Madrid uthi ngamampunge izindaba zokuthi ujoyina iJuventus.

UCHITHA imibiko yokujoyina iJuventus yase-Italy uMarcelo waseBrazil oselizwa ngendaba ijezi kwiReal Madrid yaseSpain.

Lo mdlali sekukaningi kuvela ukuthi angase ajoyine uCristiano “CR7” Ronaldo wasePortugal oshiye iMadrid ngo-2018 wajoyina iJuventus.

UMarcelo umiswe kabi nguFerland Mendy waseFrance kwesokunxele emuva kwiMadrid. 

Okuqinisa imibiko yokuhamba kukaMarcelo kwiMadrid wukuthi kuthiwa usendleleni ephumayo kwiJuventus u-Alex Sandro.

“Kangazi ukuthi ivela kuphi imibiko yokuthi ngizoshiya iMadrid. Umndeni wami uhlala lapha eMadrid. Kunzima ukuvele ngishiye kuleli dolobha. Mina ngifuna ukugugela kwiMadrid futhi nezikhulu ziyakwazi lokhu. Kangicabangi ukuthi iMadrid ingavuma ngihambe ngemuva kokuyisebenzela iminyaka eminingi kangaka. 

“Ngizoqhubeka nokulwela indawo yami ekilabhini,” kusho lo mdlali. IMadrid ibukeka idonsa kanzima ngemuva kokushiywa nguRonaldo.

Previous articleowe-kings uyithela ngabandayo eyokwehliselwa amaholo
Next articleubuyiselwe ngo-elethu kwese-irb