Isilomo sikhuza ibuya kwiSibaya

1437

UNomzamo useqalile ukuqopha iziqephu ezintsha zalo mdlalo

SANDILE MAKHOBA

UNOMZAMO Mbatha ongusaziwayo odumile emidlalweni kamabonakude.
ISITHOMBE: TWITTER / NOMZAMO MBATHA

SIKHUZA ibuya emdlalweni kamabonakude iSibaya, isilomo somlingisi esesinesi-khathi sinyamalele kulo mdlalo.
UNomzamo Mbatha odlala indawo kaThandeka Ndlovu, kuthiwa useqalile ukuqopha kulo mdlalo.
Abalandeli balo mdlalo baqaphelile ukuthi sekunesikhathi eside engabonakali kulo mdlalo njengoba esechitha isikhathi esi-ningi e-United States of America (USA), lapho ethole khona amadlelo aluhlaza.
Muva nje, uNomzamo ube ngundabamlonyeni eNingizimu Afrika ngesikhathi kuvela ukuthi uthole umsebenzi wokulingisa kwifilimu yamahlaya yase-USA, iComing 2 America, eqoshelwa eHollywood, okulingisa kuyo nosaziwayo aba-dume umhlaba wonke.
Ukunyamalala kwakhe isikhathi eside kwiSibaya nokuthola amadlelo aluhlaza e-USA kuqubule amahlebezi okuthi useyashiya kwiSibaya.
Omunye umthombo weLANGA LangeSonto ongaphakathi kulo mdlalo utshele leli phephandaba ukuthi impela uNomzamo useqalile ukuqopha.
“Noma ngingazi ukuthi uzovela nini ku-tv kodwa sekuseduze ngoba lonke leli sonto ubeshutha,” kusho umthombo.
Okhulumela uMzansi Magic, okusakazwa kuwo iSibaya, u-Irvin Pooe ukuqinisekisile ukuthi uNomzamo uzobonakala maduze kulo mdlalo.
Phambilini uMzansi Magic ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi uNomzamo uyohlale enendawo yakhe kulo mdlalo osufana nekhaya kuye.
Khonamanjalo kuwona lo mdlalo kuthiwa kuyaphela ngomlingisi odlala indawo yephoyisa elingumseshi uMocumi, ogama lakhe langempela nguMalome Phiri.
Leli phoyisa elafika kulo mdlalo laziwa njengomseshi ongahlangani nenkohlakalo, manje livela nje-ngomuntu okhokhelwa ngaba-kwaNgwenya ukulwa noZungu.
Umthombo uthi isenzo sikaMo-cumi sokuhlukumeza umndeni kaZungu sizoholela ekudutshulweni kwakhe bese kuyaphela ngaye kulo mdlalo.
Akathandanga ukuphawula ngale ndaba kaMocumi uPooe. Uvele wathi abantu abaqhubeke babuke Isibaya ukuze bezothola okuthe xaxa.
Kulindeleke ukuba zishube izinto kulo mdlalo njengoba ekuqaleni konyaka ozayo kuqala isizini entsha. Ngaphandle kukaMocumi akukakacaci ukuthi ngobani abanye abazodliwa yizembe uma kuphela le sizini.

Previous articleUhlokoloze iziqandu othe uZozibini mubi
Next articleIsidumo uKhuzani ejijimeza uNgizwe