Isilomo ‘sithandazela’ ukushiya iDowns

490

Sinunuselwa ezikaPitso Mosimane ngetshe lemali

LINDA XIMBA

UGASTON Sirino osefuna ukushiya iSundowns. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IYAQHUBEKA nokuqina imibiko yokuthi usefuna ukuyishiya iMamelodi Sundowns ayobhekana nezinselelo ezintsha kwenye indawo uGaston Sirino oyisilomo sale kilabhu eqhwakele kwi-log yeDStv Premiership.

Selokhu kuqale isizini uSirino akakaze alinuke ijezi ngemuva kokufaka isicelo sokuyojoyina i-Al Ahly yase-Egypt eqeqeshwa nguPitso “Jingles” Mosimane owamlanda e-Uruguay kumasizini adlule. Kuthiwa i-Ahly inunusela uSirino ngomholo ophindwe kabili kunawunikwa yiSundowns.

NoMosimane akakufihlanga ukuthi umgaqele uSirino. Umthombo uthe: “USirino akasakuthandi ukudlala kwiSundowns yize  ephethwe kahle. Usefuna inselelo entsha manje. Njengamanje uthandazela ukuthi iSundowns ingamvimbi endleleni yakhe.”

Isikhulu esiphezulu seSundowns, uYogesh Singh sithe, uSirino usayingxenye yekilabhu. Uthe okuningi ngekusasa labadlali kuzocaca maduzane.

* Khonamanjalo, uMosimane ubonge ukwesekwa ngemuva kokusinda kukhuvethe obelumhlasele eCairo. Lo mqeqeshi ugile izimanga enqoba izicoco ezintathu kulo nyaka osongwayo ezweni likaFaro.

Previous articleLibizwe ngenina igcokama
Next articleIgawula iphindelela iCovid-19 emaRomeni