Sibalisa ngengcindezi yobubha nokuhlekwa ngokugibela amatekisi
JOHN HLONGWA
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
SIGONYULUKE ngokuba yisidakwa ebesicwila ezimbizeni zikaFaro isilomo somculo wokholo, uFikile Mlomo, emcimbini wakhe obizwa nge“My Life My Testimony”, obuwenzelwe ebandleni likamfundisi Mthobisi Makhathini, elisenkabeni yeTheku kuStalwart Simelane (Stanger) ngoLwesihlanu.
Lo mculi ubehlose ukuvuka ngalo mcimbi ngemuva kokuba ekhahlamezeke kakhulu empilweni yakhe. Ungene esiteji eshaye ingubo ecwebezelayo sengathi ngeyomshado, wacula ingoma enezinhlamvu ezithi “I didn’t know God will Save me this way”.
Uyishaye kwasukuma cishe bonke abazalwane bacula kanye naye. Uqede lapho wacela isihlalo, wahlala phansi, wabe esebonga bonke abafikile emcimbini.
“Ngiyabonga ngokufika kwenu emcimbini wami ekubeni ngingelutho, ngiyintombazanyana yasemjondolo eLindelani. Nokho nikwazile ukushiya konke enikwenzayo nazongeseka. Bakwethu, ngishayekile empilweni. Ngishaywe ngabantu ebengibethembile. Ngigcine sengiyisidakwa sotshwala ngenxa yengcindezi.
“Bangivovile abantu emculweni. Bengidumile kodwa ngingenalo ngisho isenti leli. Bengigibela nani amatekisi, ningishuthe ningenze inhlekisa. Ngicishe ngaliphosa ithawula emculweni kodwa kwakhona abaculi abeza kimina bangiduduza bathi mangiqhubeke,” kusho uFikile.
Uthi uzimisele ukuhambela izindawo ezahlukene ngalo mcimbi wakhe ukuze akwazi ukuchazela abantu ngebanga aselihambile nangobunzima adlule kubona. Ngesikhathi ekhuluma, bekubonakala abantu bemdabukela, kucaca ukuthi bayazwelana nesimo adlule kusona.
Exoxa neLANGA langeSonto ngemuva komcimbi, ukuphindile ukuthi abantu abebathemba
bamvovile kodwa wala waphetha ukudalula ukuthi bangobani. Utshele leli phephandaba ukuthi ubezifela ngotshwala kodwa wala waphetha ukusho uhlobo abeluphuza.
Uthe lo mcimbi usazowenza nakwezinye izindawo ngezinsuku asazozimemezela ngokuhamba kwesikhathi.
Lo mzwilili wentokazi kuzokhumbuleka ukuthi uke waba sempini eshisayo noTshepo Nzimande ongumnikazi wenkampani abeqopha kuyona, iZuz’muzi Music, kubangwa
indaba yenkontileka.
Njengamanje uFikile usekhiphe amacwecwe ayisihlanu, amathathu uwakhiphe engaphansi kweZuz’muzi Music okubalwa kuwo “Umangisuka”, “Linda Uthandaze” nethi “Noma Kunje”.
Esezimele ukhiphe amabili athi “UJesu Uyangenelela” nethi, “It’s God Time”.