Isilomo soZalo sishiye lo mdlalo ngenxa yedlozi

260

THANDI ZONDI

UMSEBENZI wedlozi uphoqe umakadebona kwezokulingisa, uBaby Cele ukuba ashiye emdlalweni kamabonakude uZalo. UBaby – obelingisa indawo kaGabisile kusukela ngo-2017 kulo mdlalo – uthi bekungelula ukuthatha lesi sinqumo.

“KuZalo bengiphathiswa okwendlovukazi, uthando nenhlonipho ebenginikwa khona yithimba lonke, bekungenza ngizizwe ngisekhaya. Akwejwayelekile ukuthi uma usekhaya ukhumbule emsebenzini, kimi bekuhlale
bekwenzeka – kufike isikhathi lapho ngibacabanga ukuthi kazi basangana benzani emsebenzini,” kusho uBaby.

Uthe bekungelula ukufaka incwadi yokwesula emsebenzini. Uqhube ngokuthi umsebenzi wedlozi wawuqala ngo-2004, sonke lesi sikhathi ubewusheba nokulingisa, kodwa kwahamba isikhathi abadala baveza ukuthi sekumele agxile emsebenzini wabo. Uthe uyakuqonda ukuthi lo msebenzi (wedlozi) kawulula kwabaningi, kodwa “kuyahambeka”.

Uveze ukuthi uzobonakala komunye umdlalo ozokhonnjiswa kwiNetflix, kodwa wathi ngeke akwazi ukuwudalula okwamanje.

tzondi@ilanganews.co.za

Previous articleISilo sigxeke isenzo sikaDuma sokuhlwitha umbhobho kundunankulu waso
Next articleIsekubhaceni inkosi “ethelwe isibhaxu” yiphoyisa