iSimanga engcwatshwa ehleli emotweni

1738

THANDEKA NGOBESE

UMNU Tshekede Pitso, obeyilungu eliqavile le-UDM, eJozana Village, umngcwabo wakhe ube wundabizekwayo enquma ukufihlwa ehleli kwiMercedes Benz.

SEWUPHENDUKE undabizekwayo umngcwabo kasomabhizinisi waseJozana Village, e-Eastern Cape, obekwe endlini yakhe yokugcina ehlezi kuhuntshu lweMercedes Benz ukuhlonipha isifiso sakhe sokufihlwa ngemoto yakhe.

UMnu Tshekede Pitso, okuthiwa ubeyilungu eliqavile le-United Democratic Movement (UDM), eholwa nguJenene Bantu Holomisa, uyimise nse indawo yaseJozana Village, eSterkspruit, ngoMgqibelo ngesikhathi engcwatshwa ngemoto yakhe, ehleli esihlalweni somshayeli egqoke isudi esakhilimu, izandla ezibeke esitelingini efake ngisho ibhande. 

Iloli ebelithwele imoto enesidumbu, lihlehle nyovana ngesinqe ngesikhathi sekwehliselwa ethuneni imoto kaMnu Pitso, abantu becula ngemuva. 

Uthe uma eyiqaqa kwiloli lo obehambisana nomshayeli we-breakdown, imoto yehla yayothi khalakatha emgodini obumbiwe wamude ngo-kwenele ukungena le moto ebimbozwe ngoseyili omhlophe, okuyaye kusongwe ngawo izimoto uma kwenzelwa ukuba zinganethwa yimvula.

Amalungu omphakathi abebonakala kuma-video abeshuthwa emngcwabeni, elokhu ebabaze njalo ethi selokhu azalwa kawakaze akubone lokhu.

UJenene Holomisa, ekhuluma naleli phephandaba, uthe uzwile ngomngcwabo kodwa akazange aye kuwona, kwazise ugonqile ngenxa ye-corona.

“Uma ufuna ukwazi ngomngcwabo kaMnu Pitso kungani uthinta mina? Thinta amaphoyisa abesemngcwabeni, hhayi mina,” esho evala ucingo. 

Ekhasini lakhe leTwitter uJenene Holomisa ukhalisane kakhulu no-mndeni, abangani namalungu e-UDM ngoMnu Pitso. 

“Sidlulisa ukubonga kwethu nga-kwenzele i-UDM uMnu Pitso. Bengi-sendleleni ngiya emngcwabeni wakhe, kodwa ukuhlolwa kukaRev Moshoe otholwe ene-corona kungishintshe umqondo,” esho.

UMnu Mfundo Nqatha Bongela uchaze uMnu Pitso kwiFacebook njengomuntu obengajiki kulokho akholelwa kukho.

Iphoyisa laseSterkspruit, elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, lithe ozakwabo abebesemngcwabeni kaMnu Pitso bebeyoqapha isimo, ngeke babe nazo izinombolo zomnde-ni ngoba akukho cala elivuliwe.

Previous articleKusolwa ubunkabi ebulawa yiqulu
Next articleOmahosha bacela isibonelelo kuhulumeni