Isimemezelo se-IEC ngabavoti abazinze kwamanye amazwe

292

THANDOLUHLE NGUBO

IVEZE okuzokwenzeka kubavoti baseNingizimu Afrika abakwamanye amazwe i-Independent Electoral Commission (IEC), ngesikhathi imemezela izinsuku zehlandla lesibili nelesithathu lokubhalisela ukuvota okhethweni lwangonyaka ozayo. Le nhlangano – eyengamele ukhetho kuleli – ithe kuzobe kuqala ngqa ukuthi izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezikwamanye amazwe zibhalisele ukuvota zingekho kuleli, futhi zingasizwa muntu. 

Iveze ukuthi ukubhalisela ukuvota kuzoqhubeka mhla ka-3 no-4 kuNhlolanja (February) wonyaka ozayo – eziteshini eziwu-23 296.  

Ithe izakhamizi zakuleli ezikwamanye amazwe, zingabhalisa ngalezi zinsuku -ngokungena kwi-website yayo (i-IEC) – zifake imininingwane yazo, iphelezelwa yisithombe sikamazisi. 

Lezi zakhamizi zingakwazi futhi ukubhalisa emahhovisi amanxusa mhla ka-26, 27 no-28 kuMasingana (January) wonyaka ozayo. 

Previous articleSinikwe indodana yolahleko “esishise” uDe Ruyter e-Eskom
Next articleBathi bayazibona izithelo zokuncinda ludengezini lunye