Isingene ezinganeni impi yeBhova neNdidane

268

MTHOBISI SITHOLE

KUFUFUSA impi yamadodakazi ababeyizimbangi emculweni kamaskandi, uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo – Ibhova LikaDikadika –  noMtshe-ngiseni “iNdidane” Gcwensa (abangasekho). Lokhu kungaboni ngaso linye kuphakathi kukaKhonozogcina Gcwensa noKwenzekile (iBhovakazi) ozibiza ngendodakazi yeBhova, osebenzisana neZinyane LeDlamanzi. 

NgoLwesihlanu indodakazi yeNdidane imemezele ukuthi izolishintsha igama ezibiza ngalo emculweni, isizosebenzisa elithi “INdidanekazi”. UKwenzekile uzwakalise ukungajabuli ngalokhu. Ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi: “Nobaba wafika nama-leather kwiMagic (isihloko se-albhamu yeBhova), nombangi babonakala sebefake ama-leather omkokotelo. Wafika noGezoo (elinye lamaqembu asungulwa yiBhova) nabanye bezwakala sebezibiza ngoGezoo Bangempela (iqembu leNdidane), baphelela emoyeni. Kwaya kwaya ngafika ngazibiza ngeBhovakazi, nawe usuyiNdidanekazi, hhayi ngathi izoqhubeka la eyagcina khona, umlando uzoziphinda.”  

Ngakolunye uhlangothi, iNdodakazi yeNdidane iphendule kuwona lo mbhalo yathi: “Ungalinge uyinyathele emsileni ngoba ukushunduka kwayo ngeke umelane nakho, uyohlekwa yizwe lonke.”

Ekhuluma neLANGALempelasonto uKhonozogcina, uthe bekuvele kusezinhlelweni zakhe ukuzibiza ngaleli gama.

“Lona nje uyangiphaphela, angazi ukuthi uphazanyiswa yini. Mina ngizenzela umculo wami ngendlela yami, njengoba nangesikhathi ngifika emculweni bekuyisifiso sami ukuvusa iqembu likababa ebelaziwa ngeZintombi Zamageza, naye engazivusa Izintombi zikaMgqumeni uma zazikhona. Akukho okufanele kubangwe kulokho,” esho.

Iphunzile imizamo yokuthola iBhovakazi njengoba ucingo lwalo belungangeni. 

Impi kaMgqumeni noMtshengiseni yahlukanisa phakathi umaskandi kusukela ngo-2004, kwaze kwaba iBhova liyadlula emhlabeni ngoZibandlela (December)  ka-2009. 

Izingane zabo sezingenile emculweni njengoba namadodana abo, uLusanda “iBhova Elincane” Khumalo noSphesihle “iThole LeNdidane” Gcwensa eseyibambile.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleIChiefs isale incela izithupha ngesitobha
Next articleUmuthi wezinambuzane uhlehlise isinqumo kwelokubulawa kofakazi