Isiphenduke ihlaya eyenkoqoba (17) yaseCameron eqokelwe kwelesizwe

    291

    NGOSIBA LUKA: REV MKHEKHELEZI

    ISIPHENDUKE ihlaya okuqedwa ngalo izinsizi ezinkundleni zokuxhumana eyomdlali oqokelwe eqenjini lesizwe laseCameron eliya emidlalweni ye-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast, uNathan Doula (17), obukeka elamana eduze impela nesitobha seCape Town Spurs, umalume uNazeer Allie (38).


    Abantu bathi hleze umfo kaDoula wansondo wake wagula wabangwa nezibi, waze waba kwi-coma noma wake waboshwa, manje kungenzeka ukuthi akayibali le minyaka esokhukhweni lokufa. Abanye bathi makaxolelwe, kungenzeka ukuthi wahuzulwa yizimo zomhlaba, ubuso base bugijima bushiya iminyaka yakhe yobudala. Vele-ke e-Afrika siyayi-compressor iminyaka yobudala, kasinqeni ukuyifingqa impela nje, umuntu athi ena-40, kodwa athi una-21. Ningabe-ke senithi ngigudla uKarim Kimvuidi (21) ogijima kwi-Orlando Pirates, “yingane” leya uyibhekile nje. Naba o-Irvin Bukenya wase-Uganda owake wadlalela iKaizer Chiefs, Garba Lawal waseNigeria okwavela ukuthi usenomzukulu – owayesekwazi ngisho ukukhuluma – yize le nkomane yayineminyaka ewu-29 ubudala. Asazi-ke kodwa ngoba amanga ebantwini asefana nalo mshini okuthiwa yi-life support, kabasakwazi ukuphila ngaphandle kwawo. Nakhona lapha ekhaya, ngike ngizwe nje kuthiwa lo nozinti engimkhonzile, empeleni akanawo u-36, useshoshela empeshenini kahulumeni.

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    NGUMALUME Nazeer Allie oyisitobha seCape Town Spurs.

    Previous articleUgajiwe kwi-Afcon osole imenenja ngokuntshontsha ijezi “aliphiwe” yisilomo saseBrazil
    Next articleIsexwayiso ngokusebenzisa budlabha iziqhumane ngoNcibijane