Isiphepho sidlule nemiphefumulo eBulwer

206

Izingane ezimbili zimuke nomfula, kwathi eyodwa yawelwa wuphahla yashona

U-ASEMAHLE Ntuli (5) owelwe UMBALI Mthembu (15) omukile UPHOLISANI Sithole (14) omukile
wuphahla lwendlu washona kunesiphepho
ngoMgqibelo eBulwer.

TSEPO MOLEFE
SISHIYE kukhalwa isiphepho sangoMgqibelo ntambama, ebesihambisana nesichotho, esidlule nemiphefumulo emithathu ezindaweni ezakhele uMasipala iDkt Nkosazana Dlamini Zuma, eBulwer, ngesikhathi kumuka izingane ezimbili, kwathi enye ebihleli nomndeni wayo endlini yacindezelwa wuphahla yashona. ILANGA lithole ukuthi umphakathi waseSiphahleni kawubuthanga quthu ubuthongo ngoMgqibelo, uthungatha izidumbu zezingane ezimukile, uPholisani Sithole (14) waseSiphahleni noMbali Mthembu (15), waKwaZashuke, abamuke bephuma engomeni, okungenise umfula bephakathi nawo sebebuyela emakhaya, bamuka.


U-Asemahle Ntuli, oneminyaka ewu-5 waseBethlehem yena uwelwe yindlu washona ephakathi ehleli nomndeni wakhe. ILANGA likhulume nelungu lomndeni okumuke indodana yawo esilobe lapha ingakatholakali uMnu Lindokuhle Sithole onguyise omncane kaPholisani, othe indodana kamfowabo beyihambe kuyiwe emcimbini wokuhanjiswa kwehhashi esigodini saseMphithini, okuthe uma sekubuywa kanti umfula sewugcwele. “Amanzi abesehamba phezulu kwebhuloho, okuyiwona abamukisile nengane yakwaMthembu, kwesinye isigodi. Kuyimanje sisemfuleni sithungatha izidumbu zazo lezi ngane,” usho kanje.


Ekhuluma neLANGA uMnu Vusi Mthembu, oyikhansela ngaphansi kukamasipala iDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe kubathintile oku vele emuva kwesiphepho njengoba kugcine kuphume nemiphefumulo yabantu. Uthe kulesi siphepho kulimale imizi engaphezulu kwewu-300. “Sibi isimo lapha endaweni yethu, eminye imindeni ilala emnyango. Sisahamba nemeya uNkk Sindi MaJobeMsomi, sisa yobheka le mindeni elinyalelwe. “Siyile kwaSithole nakwaMthembu lapho kumuke khona izingane siyozwa umonakalo. “Umphakathi ugcwele umfula, uthungatha izidumbu zezingane njengoba kusalindwe nabatshuzi okuthiwe basuka ePort Shepstone, ukuzolekelela ekutholeni izidumbu,” kusho uMnu Mthembu.


UNkk Msomi oyiMeya eNDZ, unxuse umphakathi ukuthi uhlale usiqaphile isimo sezulu njengoba siguquka singalindelwe. “Sibonga umphakathi ophume ngobuningi bawo walekelelana nethimba lethu lezinhlekelele. “Okwamanje kusenzima ukuhlonza umonakalo odalekile. Esingakusho nje yikhona ukuthi mithathu imiphefumulo edlulile. “Siyathemba ukuthi izidumbu zabamukile zizotholakala njengoba nomphakathi unkanisile emfuleni, uthungatha,” usho kanje. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col, Nqobile Gwala, usiqinisekile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa abesalekelelana nomphakathi ukuthungatha emfuleni.

Previous articleUgeqa amagula ngokuhlangana neSilo
Next articleISilo noNdlunkulu bashiye umcimbi wabo ‘isigubhukane