Isiteleka sinwebe umnkenke ezinyunyaneni zezisebenzi

263

THANDOLUHLE NGUBO

SINWEBE umnkenke phakathi kwezinyunyana zezisebenzi zasezimayini isenzo sezisebenzi eziwu-500 zemayini iGold One-East Modderfontein, eSprings, eKurhuleni, eziqome ukuqhinqa emathunjini omhlaba njengoba iNational Union of Mineworkers (NUM) isola “ozakwabo” i-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) ngokuthi ithumbe futhi yalimaza amalungu ayo awu-9. Lezi zisebenzi zigobe amadlangala emgodini wemayini kusukela ngeSonto, njengendlela yokubhikishela izimfuno zazo. 

 Ngokuthola kweLANGA ngomthombo walo ongaphakathi kule mayini, ngamalungu e-Amcu aqale lo mbhikisho. 

Utshele leli phephandaba ukuthi i-Amcu ilwela ilungelo lokwamukelwa njengenyunyana emele izisebenzi kule mayini kwazise isiyayehlula iNUM ngesibalo samalungu. 

Isitatimende seNUM, esikhishwe egameni likaMnu Livhuwani Mammburu okhulumela le nyunyana, siveze ukuthi okwenzekayo kubaphatha kabi. Usole i-Amcu ngokuthumba amalungu abo – okukhona kuwona nawesifazane -engenakudla namanzi izinsuku ezimbili zilandelana. Uthe okubaphatha kabi kakhulu wukuthi iNUM yiyona eyalwela abesifazane ukuba basebenze kulo mkhakha wezimayini, kanti lokho babengakwenzeli ukuthi bathunjwe njengoba kwenzeka. 

I-Amcu iveze ukuthi okwenze yanquma ukuteleka, wukuthi abaphathi bemayini bayenqaba ukulale izikhalo zayo. Ithi amalungu ayo angaphansi komhlaba asonga ngokungaphumi emgodini uma izikhalo zawo zingalalelwa. Ibike ukuthi abakufuna kakhulu, ngamalungelo enyunyana yabo kule mayini. Iveze ukuthi ngoMsombuluko ekuseni, inyunyana ihlanganise imali kwathengwa ukudla namanzi okuthunyelwe ezisebenzini eziqhinqe emgodini. 

I-Gold One-East iveze ukuthi seyithole incwadi eNkantolo yeziSebenzi evimba abatelekile ukuba bangazivimbi izisebenzi ezifuna ukungena emagcekeni emayini, futhi bangacekeli phansi impahla yemayini. Iveze ukuthi iyaxoxa  ne-AMCU ngezikhalo zayo, kodwa besingakatholwa isixazululo. 

Previous articleAmaNgisi mawayeke ukutetema, agwinye itshe
Next articleUCele “ubhodlele” kuZimdollar kungcwatshwa iphoyisa