AmaSandawana asenqobe imidlalo yeligi ewu-15 ilandelana
SENZO SOKHELA
IMAMELODI Sundowns ishiye abalandeli be-Orlando Pirates bebhocobele ithatha amaphuzu amathathu emdlalweni obubukeka iBucs kufanele iwunqobe njengoba ibiwuthwele. IDowns iqhubekile nomgqigqo wayo omuhle iguqisa ngo-1-0 izimbangi zayo ezinkulu iBucs koweDStv Premiership izolo ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto. Igoli leDowns livalelwe enethini nguCassius Mailula ngomzuzu wesithupha. n IDowns iqhubekile nokuqopha umlando njengoba isinqobe imidlalo engu-15 ilandelanakwiligi kule sizini. Abalandeli bePirates,abebephume ngezinkani, baphume kulo mdlalo bebhocobele kwazise lo mdlalo ubungowayo ngendlela ebiwuthwele ngayo. Umehluko phakathi kweBucs neDowns kulo mdlalo kube ngamathuba njengoba (iDowns) ithole elimqoka yalibeka enethini, kodwa iPirates yahluleka ukusebenzisa awayo.
Umdlalo uqale ngegiya eliphezulu, zithengana, kubonakala ukuthi kubhekene izinkunzi zakuleli. ISundowns yiyona evule inkundla uMailula ededela umshoshaphansi weshodi awuzwe ngendaba uSipho Chaine, unozinti weBucs. Emuva kwaleli goli ziqhubekile nokuthengana kodwa iBucs yiyona ebibukeka yakha amathuba ikakhulukazi ngama-free kick.Ngomzuzu ka-9 iBucs ikeyathola i-free kick ophondweni lwesokudla ngaphandle kancane kwebhokisi leDowns, uMonnapule Saleng wayijikijela ebhokisini okwenze uThapelo Morena wacishe wayingqofela enethini langakubo, kwasiza unozinti wakhe uRonwen Williams. Kuyiwe ekhefini ilokhu izamile iBucs ukuthola igoli kodwa iSundowns ingafuni lutho njengoba konke ebikwenza beyikwenza ngokuhleleka.
senzos@ilanganews.co.za