Isitobha seChiefs siyamaniswa ne-Europe

340

Kuthiwa sigaqelwe ngamakilabhu aseSweden naseDenmark

SENZO SOKHELA
KUVELA izindaba ezithi ufunwa ngamakilabhu agijima e-Europe umdlali weKaizer Chiefs osem-ncane owenza izimanga kule kilabhu ezimisele ngokunqoba iligi kule sizini ka-2019/2020.

UReeve Frosler (22) ujoyine iChiefs ngesizini eyedlule emuva kokuba iBidvest Wits abedlala ku-yona inqume ukumudedela.

Selokhu efike kwiChiefs isikimu sekungesakhe kangangoba usebeke eceleni uRamahlwe “Rama” Mphahlele ababanga naye indawo ophondweni lwesokudla emuva.

Leli phephandaba lithole ukuthi indlela lo mdlali adlala ngayo, isimdonsele iso lamakilabhu aseSweden naseDenmark.

Umthombo waleli phephandaba osondelene kakhulu nalo mdlali, uthe: “UFrosler angase ayishiye iChiefs njengoba kunamakilabhu ase-Europe amfunayo.

“Kodwa-ke usanenkontileka neChiefs, omfunayo kuzofanele amuthenge kuyona. Nokho kubu-keka kuzoba nzima ukuthi iChiefs imudedele njengamanje njengoba isabhekene naleli cala leFifa lokuthi ingasayinisi mdlali ngesizini ezayo. Kodwa-ke lo mfana vele iphupho lakhe wukudlala e-Europe.

“Umphathi wakhe nguyena osaxoxa nala makilabhu amfunayo, akakayazisi iChiefs kwazise bekusavaliwe kuleli ngenxa yeCovid-19. Nokho njengoba kuzovulwa nje maduze cishe uzobe eseyazisa.”

Leli phephandaba lishayela uPaul Mitchell oyisikhulu seSiyavuma Sport Group okuyinkampani ephethe lo mdlali, uthe: “Okwamanje akukho engingakuphawula kodwa engingakusho nje wukuthi bakhona abadlali bethu abaningana esimatasa ngezinto eziqondene nabo. Nokho okwamanje ngeke ngikwazi ukusho ukuthi ngobani labo badlali,” kusho uMitchell.