BHEKI NDLOVANA
ISIQALILE ukuchaphazela abathengi inkinga yomkhuhlane wezinkukhu obhokile eNingizimu Afrika.
Ezinye zezitolo ezinkulu ezidayisa ukudla, sezivele zinenkinga yokushoda komkhiqizo, ikakhulukazi amaqanda, ngenxa yalo mkhuhlane osuphoqe ukuba kubulawe izinkukhu ezingaphezulu kuka-7 million, okungezamaqanda nezenyama.
Phakathi kwezitolo ezinkulu eseziphumele obala ngenkinga yokushoda kwamaqanda, yiPick’n Pay noWoolworths.
Njengengxenye yokuzama ukubhekana nale nkinga, abathengi sebebekelwe imibandela yokuthenga amaqanda.
Umbandela obekwe ngabesitolo sokudla sakwaWoolworths, uthi umthengi ngamunye usevunyelwe ukuthenga amaqanda awu-6
ngesikhathi.
UMnu Chan Pillay oyi-food divisional director kwaWoolworths, ekhuluma ezindabeni ze-eNCA, uthe umthelela walo mkhuhlane usuqalile ukuzwela KwaZulu-Natal naseGauteng.
Ukuqinisekisile ukuthi ngenhloso yokuzama ukwenelisa abathengi, babeke isikalo samaqanda awu-6 kumthengi ngamunye.
AbasePick’n Pay bona bathi basezinhlelweni zokubeka isikalo samaqanda umthengi ngamunye azokwazi ukuwathenga esitolo ngesikhathi.
Kulabo abathenga ngohlelo lobuchwepheshe kwaCheckers – olubizwa ngokuthi Checkers Sixty60 – ILANGA lishici-lele ngoLwesithathu umkhiqizo wamaqanda ungatholakali kulolu hlelo.
Ehalofini lawo bekubhalwe ukuthi “Out of Stock”. bhekin@ilanganews.co.za