Isizathu se-Orlando Pirates sokuqasha uNcikazi

633

SENZO SOKHELA

KUVELA isizathu esenze i-Orlando Pirates yengeza ilungu elisha ethimbeni layo labaqeqeshi nje-ngoba isanda kuqasha uMandla “Mhloli” Ncikazi (osesithombeni).

UNcikazi wethulwa nje, beku-ngakapheli zinsuku ezingaki ehlukane neLamontville Golden Arrows abengumqeqeshi wayo. I-Arrows noNcikazi bavumelane ngokuthi ngeke bazidalule izizathu zokwehlukana, bacela nokuthi kuhlonishwe lokho.

ILANGA lihletshelwe ngumthombo walo isizathu ese-nze iBucs yaqasha uNcikazi.

Lo mthombo ongaphakathi kwiBucs, uthe: “Ngesikhathi i-Arrows idedela uNcikazi, iPirates igxume yahlala ngoba kudala yaqala ukuthungatha umuntu obezovala isikhala esivuleke kuha-mba uRhulani Mokwena osekwiMamelodi Sundowns.

“UNcikazi uzokuba ngumsizi wokuqala womqeqeshi. Usihlalo (u-Irvin Khoza) ujabule ngokuthola uNcikazi, ubona ezokuba yisixazululo ezinkingeni ezibhekene nale kilabhu kwazise wenze kahle kwi-Arrows (eyihola iqeda kuno-mbolo 4 kwi-log okokuqala ngqa emlandweni wale kilabhu).

“Ithimba lakhe labaqeqeshi ubelibona lingaqinile kahle, yingakho esevive ngobuchopho obusha futhi obunesipiliyoni. 

“Kodwa-ke amqashele khona yibhola elihle ebelidlalwa yi-Arrows ngaphansi kukaNcikazi, ufuna nePirates idlale ibhola elihehayo lalapha eMzansi okuyinto angayiboni njengamanje eqenjini lakhe,” kusho umthombo.

Leli phephandaba like lazama ukuxoxa noNcikazi kodwa kwa-nhlanga zimuka nomoya njengoba kuthiwa unqunywe umlomo ukukhuluma nabezindaba. 

Imizamo yokuthola uKhoza iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

Previous articleKufane nomsebenzi wenkukhu ukumba ‘idayimane’
Next article‘Ubhunyele indodakazi ngomgxabhiso yafa kubangwa ikhadi likagesi’