isizwe sizoyizwa ngendaba eyokutshalwa kwenkosi

727

MTHOBISI SITHOLE

UZOZWA ngendaba ukuthi itshalwephi, kanjani inkosi yawo umphakathi wesizwe sakwaMagwaza, eNkandla ngenxa yokuvalwa kwezwe okuphoqa abantu ukuba bangayihambeli imingcwabo neminye imicimbi ukugwema ukusabalala kwe-coronavirus ehlalise umhlaba lubhojozi. 

INkosi Sizwesenkosi Magwaza (64), yasoHwebede, ikhothame ngesonto eledlule esibhedlela saseShowe kanti izotshalwa ngoLwesihlanu ngaphandle kwabantu bayo. Lokhu kuvezwe nguMnu Mphoyiseni Magwaza oyinhloko yomndeni, othi inkosi idunguzele isikhathi eside inenkinga yezinso, kwa-ze kwayenela.

 Uthi kusukela ngo-2016 inkosi ihlushwa yilokhu kugula.

“Bekuyixakile inkosi lokhu kugu-la, iphelelwa ama-ndla ngenxa yoku-ngasebenzi kahle kwezinso. 

“Ibahambe kakhulu odokotela ilashwa kwaze kwaba kuyayehlula ukufa,” kusho uMnu Magwaza.

 Uthi uyakuqonda kahle kamhlophe ukuthi amabutho nesizwe sonke bayafisa ukuphelezela inkosi ngoLwesihlanu, kodwa ngenxa yesimo, isizwe siyacelwa ukuba sihlale emakhaya. 

Utshele ILANGA ukuthi isizwe sizovumeleka uma sekwenziwa umsebenzi wokugeza inkosi. 

“Khona kunzima impela kodwa akukho esingakwenza. Kubalulekile ukulandela umthetho obekwe wuhulumeni. Siyacela umphakathi wonke waKwaMagwaza ukuba uhloniphe isinqumo somndeni nohulumeni imbala,” kusho uMnu Magwaza. 

Omunye umthombo weLANGA uthi selokhu kwasuka umbango walesi sihlalo ebisiqhwakele inkosi 

ekhotheme, kayizange iphinde iphatheke kahle empilweni njengoba bekugqigqwa ezinkantolo abanye bomndeni beyilwisa bethi mayisuke esihlalweni ngoba akuhambanga nge-ndlela ukuqokwa kwayo. 

Leli phephandaba libikile eminyakeni emibili edlule ngombango wobukhosi bakwaMagazwa obekuthiwa mabuthathwe nguMnu Eric Sithembiso Magwaza kanti kunamahlebezi athi ngoZibandlela (December), bekuzohlala umndeni kubekwe inkosi entsha. 

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkz Nonala Ndlovu, uthe badlulisa amazwi enduduzo esizweni sonke nomndeni wakwaMagwaza. 

Ungqongqoshe (uMnu Sipho Hlomuka) uthe kuyamhlukumeza ukukhothama kwenkosi esizweni ngoba kudala izinkinga, kwezinye izikhathi kusona isizwe imbala. 

“Sisesimeni esinzima, kasikwazi nokubeka inkosi ngendlela obekungenzeka ngayo ngenxa yesimo esingajwayelekile esenzekayo njengamanje, kodwa sidlulisa ukukhala nokududuza 

umndeni kulesi simo,” kusho uNkz Ndlovu.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleI-GIFT OF THE GIVERS YELULE ISANDLA ENDWEDWE
Next articleumengameli ukhuthaze abakuleli ngolwenkululeko