Iso leBucs kumgadli weMaritzburg

845

Kuthiwa iPirates izimisele ukukhipha itshe lemali

SENZO SOKHELA 

UBONGOKUHLE Hlongwane (19) ongumgadli weMaritzburg United okuvela ukuthi ufunwa yi-Orlando Pirates ezimisele ukukhipha itshe lemali.
ISITHOMBE NGABE: BACKAGEPIX

ISENGCUPHENI yokulahlekelwa ngumgadli wayo okhula ngamandla iMaritzburg United njengoba kuvela ukuthi ufunwa uthuli yi-Orlando Pirates. 

ILANGA lihletshelwe yimithombo yalo ukuthi kuvalelwe i-coronavirus ebhubhisa umhlaba wonke iMaritzburg inezingxoxo neBucs okuthiwa ifuna uthuli uBongoku-hle Hlongwane (19) ongumgadli weMaritzburg. 

UHlongwane unyuselwe yiMaritzburg  esikimini sayo esikhulu ngesizini eyedlule. 

Selokhu enyukile uma enikwe ithuba lokudlala akalibheki ipali. 

Kuvela ukuthi iBucs iyamfuna futhi izimisele ukukhipha itshe le mali ngaye. 

Leli phephandaba lishayela uFarook “Ntshebe’’ Kadodia umnikazi weMaritzburg ngalolu daba uthe ucela ukungaphawuli ngalo. 

Limbuza ukuthi igcina kanjani indaba kaSiyanda “Magazi” Xulu odlala emuva ophelelwa yinkontileka nale kilabhu uthe: “Indaba kaXulu isami kanjalo ufuna imali esingeke sikwazi ukumunika yona,’’ kusho uKadodia.

Previous articleUzwelonke nohlelo lwemfundo oluqale eKZN
Next articlebudla lubi ubugebengu bokushiswa kwezikole e-gauteng