Isosha lishaye ingqimphothwe “kwelokubulala” inkosikazi

270

JOHN HLONGWA

LITHUSE izethameli zeNkantolo yeMatshi yasePinetown namhlanje isosha laseNewlands, eThekwini, uLwande Zungu, lishaya ingqimphothwe mayelana nesicelo sebheyili ecaleni elisolwa ngalo lokubulala umkalo, uNkk Tania Zungu. ILANGA like labika ngalolu daba. Phambilini uZungu wathi makuqhutshekwe necala, ingakhulunywa eyebheyili. Nokho namuhla uthe usefuna ukusifaka isicelo sebheyili.


Ubevele phambi kwemantshi, uNkk W Robinson. Kube yisikhashana nje, ummeli kaZungu, uMnu Lindo Mthethwa, wasukuma wathi ikilayenti lakhe selifuna ukufaka isicelo sebheyili. Imantshi nomshushisi, uMnu E Frende, bavumelana. Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuhlehliselwe umhla ka-26. Okuqaphelekile namhlanje, wukuba khona kwabenhlangano ezimele, iMosaic -elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane – ebizokweseka umndeni wakwaMsane – lapho kuzalwa khona umufi.

Previous article11 March 2024
Next articleKulindeleke kuboshwe abanye ecaleni lenkohlakalo yaseJozini