Ithele usawoti esilondeni somnyango eyokubulawa kukathishanhloko

296

THANDOLUHLE NGUBO

ITHELE usawoti esilondeni esibhibhayo soMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal eyokudutshulwa kubulawe utshintshanhloko waseDelani Primary School, eThornwood, eMariannhill, eThekwini ngoLwesithathu. Kubikwa ukuthi uMnu Mthembu (58) (osesithombeni) – elingatholakalanga igama lakhe -udutshulwe kabili ekhanda ngesikhathi ekhuluma nonogada walesi sikole. Kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze wafike waphelela khona. 

IDelani ikhiphe incwadi – ILANGA Lempelasonto eliyibonile – yazisa abazali ngokuhlehla kwezinye zezinhlelo zesikole ngenxa yalesi sigameko.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uzwakalise ukukhathazeka ngalesi sigameko. Uthe othisha kumele bazizwe bephephile ezikoleni.

Kwenzeka lesi sigameko nje, umnyango ubusahlangene ngamakhanda, ubabaza unya lwabantu abahlasele uMnu Shakeel Isseri – ongumhloli wesiyingi saseMlazi – eMziwamandla High School, kwaM, khona eMlazi, ngoLwesibili. UMnu Isseri ubeyoiqapha ukubhalwa kwephepha le-life sciences, wahlaselwa ngabantu abebehlomile, bamlimaza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kukaMthembu. “Amaphoyisa aseMariannhill aphenya icala lokubulawa kukathishanhloko oneminyaka ewu-58. Kubikwa ukuthi udutshulwe ekhanda ngumbulali ongene emagcekeni esikoleni ngoLwesithathu ntambama. Imbangela yokubulawa kwakhe kayikaziwa,” esho.

www.ilanganews.co.za

Previous articleIngxabano ka-principal nomzali yenze umfundi wazama ukuzibulala
Next articleInyoka “iphoqe” abasolwa ukubingelela imantshi besevenini