UFury uhambe nebhande leWBC kwimpindamshaye ye-heavyweight
NHLANHLA HUDLA
AMATHE abuyele kwasifuba kumshayisibhakela odumile ehluleka ukivi-kela isicoco somhlaba.
UDeontay Wilder uhlulwe nguTyson Fury kwimpindamshaye yeWorld Boxing Council (WBC) izolo ngeSonto ekuseni eMGM Grand Garden Arena, eLas Vegas.
UWilder ufike kule mpi ekubeke kwacaca ukuthi akafuni ifike emzuliswaneni wokugcina le mpi ngoba ekholwa ukuthi amajaji angaphinda amubambe inkunzi njengoba enza nango-2018.
Bekungokokuqala lomshayisibhakela ehlulwa.
Ekhuluma emuva kwempi uthe: “Ngizizwa ngisesimweni esihle izinto ezinjengalezi ziyenzeka. Bekufanele engihambisana nabo bangiyeke ngiqhubeke nokulwa angazi ukuthi bebengenwe yini bemisa impi. Kodwa kulungile ngizovuka ngizithintithe ngiqhubeke nokulwa. Ukuhlulwa kwami akusho ukuphela kwami,’’ kusho uWilder.
UFury unqobe wafeza isithembiso sakhe sokuculela izihlwele.
Lo mshayisibhakela ukhombise zibekwa ukuthi akazile ukuzodlala kule mpi njengoba ithe ingakhala insimbi weza ngelikhulu ijubane ebheke embangini yakhe.
Ufike wangapholisa maseko wadedela isibhakela ekhombisa ngokusobala ukuthi ufuna ukuqeda ngesitha sakhe.
UFury ungene enkundleni ethwelwe njengenkosi njengoba ebephethwe abesifazane ehleli esihlalweni kuhle kwenkosi ethwele nomqhele.
UWilder yena ufike efake into emvala ubuso.
Ekhuluma emuva kwalempi uFury uthe: “Ngibonga uMdali ngakho konke angenzele khona. Silwe kahle noWilder ngimethulela isigqoko.
Njengamanje inkosi ibuyela esicongweni,’’ kusho uFury wase-England.
Lo mshayisibhakela uze kule mpi ebhekwe ngelokhozi udokotela wakhe njengoba enezitishi eziwu-47 ebusweni.
Le mpi iqale ngenothi eliphezulu njengoba wonke amabhokisa ekhombise ukuzimisela.
Nokho kucace ngomzuliswano wesithathu ukuthi uWilder ingahle imlahlekele le mpi njengoba ewe kabuhlungu.
Nakuba ekwazile ukuqhubeka kodwa bekubonakala ukuthi ushayeke endaweni embi nokuholele ekutheni angalwi kahle kweminye imizuliswano.
Le mpi bekufanele ithathe imizuliswano engu-12 kodwa yaphela ngowesi-7 ngaphambi kokuba uKenny Bayless obengunompempe ayimise emuva kokuphosa ithawula kwekhona likaWielder.
Ohluliwe kule mpi uvunyelwe ukuba afake isicelo sempinda zingakapheli izinsuku eziwu-30.