Ithemba kuboshwa abasolwa eMthwalume

896

SKHOSIPHI MTHEMBU 

ABESIFAZNE abaqhamuka ezindaweni ezahlukene eMthwalume bephethe amakhandlela okuzilela labo ababulewe.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA

KUBASOLWA ababili ababanjiwe  abayamaniswa nezigameko zokubulawa kwabesifazane abawu-6 eMnafu, eMthwalume, kuthiwa komunye wabo kutholakale izimpahla okukholakala ukuthi ngezezisulu, okubalwa omakhalekhukhwini, nokokugqoka kwangaphansi, okuthiwa kutholakale ezansi komuzi. 

ILANGA LangeSonto lithole lokhu kwabasondelene nophenyo nakwilungu lomphakathi eliqavile. NoNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnu Bheki Cele, obehambele kule ndawo izolo ngoMgqibelo, ukuvezile ukuthi kunezimpahla ezitholakele eziyamanisa abasolwa nalezi zigameko, kodwa wangakudalula ukuthi zimpahla zini. 

Ezimpahleni zangaphansi kubalwa amaphenti nobhodisi. Lapho kutholakale khona lezi zimpahla zangaphansi kuthiwa bekukhona nezinaliti. Ekhuluma nomphakathi uMnu Cele uthe: “Ngingakuqinisekisa ukuthi babili abantu ababanjwe ngamaphoyisa – ngoneminyaka engu-35 nonengu-41. 

“sinethemba lokuthi lesi sidumbu esitholwe lapha ngesokugcina,” kusho yena. Uthe banethemba lokuthi laba basolwa ababoshiwe, yibona abenzi bobubi “ngoba kunezinto eziphathekayo ezibahlanganisa nalezi zigameko”. 

Nelinye ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba lithe: “Sinethemba lokuthi yibona impela laba bantu (ababanjiwe). Abantu bese besaba ukuhamba ngokukhululeka endaweni ngenxa yokubulawa kwabesifazane.” 

UMnu Cele ubehambisana noMnu Bheki Ntuli, ongungqongqoshe wezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, baya lapho kutholakale khona izidumbu. 

Umphakathi ubuphume ngobuningi bawo uyokhuleka kule ndawo. Ngaphambi kokuqala komkhuleko, kusuke isixakaxaka umphakathi udabula izingqwembe ebezinophawu lwe-ANC. 

Lezi zingqwembe ziwucasulile umphakathi, zisola izikhulu zale nhlangano ngokuba ngosomathuba abaphusha ipolitiki ekubeni kubulewe abantu. 

Umphakathi ugcine uzidabulile lezi zingqwembe kwasala ebezinemibhalo ethi “Enough is Enouph Ababoshwe ababulali”. UMnu Cele usihlabile isenzo sokuphusha ipolitiki, wathi lesi akusona isikhathi salokhu, ngesokubhekana nokubulawa kwalaba besifazane abatholwe esimobeni

Kube wumzuzu onzima kwavuka umunyu ngesikhathi imindeni yezisulu ilayitha amakhandlela nobekuwuphawu lokuzila nokuhlonipha izisulu. Kube muncu kakhulu ngesikhathi kumenyezwa wonke amagama ababulawe, kusukunyiswa umndeni ngamunye uyothandazelwa. 

Amanye amalungu ayo nawomphakathi ehlulekile wukuzibamba, kwaqhuma isililo. 

Ekhuluma nomphakathi uMnu Cele, unxuse ukuba ubumbane, usheshe ubike uma kukhona umuntu olahlekile, ungalindi kuze kudlule izinsuku. 

Uphinde wamemezela ukuthi isikhalo sawo sokungagculiseki ngomsebenzi wamaphoyisa aseHibberdene sizwakele, yingakho kuthathwe isinqumo sokuba kulethwe isiteshi esingumahamba nendlwana esizosebenza ubusuku nemini kule ndawo. 

“Sekungokwesithathu ngiza lapha eMthwalume kukhalwa ngokungasebenzi ngendlela [kwamaphoyisa]. Engingakuqinisekisa wukuthi kuzotshalwa amaphoyisa aphakathi kwangu-15 kuya ku-20 azosebenza le ndawo, nesiteshi esingumahamba nendlwana sifikile izolo, siyasebenza kumanje,” esho. 

Kunomndeni wakwaMyende eQoloqolo osabambe umoya njengoba kuthiwa sekunamasonto amabili udukelwe uNosipho Myende (24). Kuthiwa bamgcine eya emsebenzini ekuqaleni kwale nyanga. Abasolwa kulindeleke ukuba bavele kusasa ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yasoThuthwini. Bheka nasekhasini 10.

Previous articleUyaziqhenya ngempumelelo kathunjana wakhe
Next articleUMiddendorp unukelwa yisicoco seligi