Ithemba kwiDowns kudliwa iChiefs

340

Kuvela ukuthi uPitso Mosimane ugaqele uKermit Erasmus

SENZO SOKHELA     noPHILANI NCALANE

U-ERIC Mathoho noWillard Katsande beChiefs bemaka uNdumiso Mabena weCeltic enqobe ngo-3-1 koweligi izolo eGoli. ISITHOMBE: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane uzwakalise ukukhathazeka ngegebe eliphakathi kwezakhe neKaizer Chiefs elahle amaphuzu amqoka ihlulwa yiBloemfontein Celtic ngo-3-1 kowe-Absa Premiership izolo ngoLwesithathu kusihlwa eTuks Stadium.

Igoli leChiefs lishaywe nguMulomowandau “Tower” Mathoho ngomzuzu ka-35 kanti aweCeltic avalelwa nguMotabeng Sera ngoka-45 nangoka-48 noVictor Letsoalo ngoka-75. IChiefs iqale lo mdlalo ngoRamahlwe Mphahlele, uWillard Katsande noBernard Parker abangena ngesiwombe sesibili ngesikhathi iziMpofana zihlula iPolokwane City ngo-3-2 ngoMgqibelo, ekubeni kade ilandela ngemuva ko-2-0. 

IChiefs iphinde yabuyisa uLeonardo Castro endaweni kaLazarous Kambole oshaye into ephansi emdlalweni odlule. UDumisani Zuma ubuyelile ebhentshini njengoba kube nemibuzo ukungabonakali kwakhe kowePolokwane.

IChiefs ilahle amaphuzu nje, neDowns yenze okufanayo iguqiswa yiCape Town City ngo-3-2 koweligi ngoMsombuluko kusihlwa eLoftus Stadium, ePretoria. Amagoli eCity avalelwe enethini nguBradley Ralani amabili noKermit Erasmus, kwathi aweDowns ashaywa ngu-Edmilson Dove weCity olihlohle ngakubo noKeletso Makgalwa.

Leli phephandaba lihletshelwe ngumthombo walo ukuthi uMosimane ukhokhobela u-Erasmus. Kuthiwa emuva kwalo mdlalo ubonakale ehlebela lo mdlali okuthile, lo mdlali wanqekuzisa ikhanda. 

Emuva kwalo mdlalo, uMosimane akazange afune ukungena odabeni lwalo mdlali, kunalokho uvele wamncoma ngokukhalipha okukhulu enkundleni.

IDowns izobhekana neMaritzburg United koweligi kusasa ngo-Lwesihlanu ngo-18h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

UMosimane ebuzwa ukuthi usenalo yini ithemba lokuvikela isicoco seligi njengoba ezakhe zibhinjelwa yizinto, uthe: 

“Indaba yesicoco seligi iyangikhathaza ngoba iChiefs ilivulile igebe. Kodwa-ke kasikaliphonsi ithawula, sizolwa kuze kube sekugcineni ngoba izibalo zisasivuma. Phela kawuhlale ukuthola okufunayo ngaso sonke isikhathi kodwa sizolwa. Uma sihluleka yiligi sizozama isicoco seNedbank Cup,” kusho uMosimane.

Uthi unethemba lokuthi bazowaphendula amatafula kulo mdlalo weMaritzburg. U-Eric Tinkler ololonga iMaritzburg, uthi ulindele iDowns ize yehlukile kubona.

* Komunye umdlalo we-Absa Premiership obuyizolo, iSuperSport United ihlule iPolokwane City ngo-2-0 okuyishovele eduze kwezembe.

Previous articleBembule ofata izinqe abafana abathi “bebedlwengulwa”
Next articleUmnyango ufisa sande isibalo sabesifazane abakwezolimo