Ithemba kwiSharks kubuya injini yamaBhokobhoko

333

INTATHELI YELANGA

ITHEMBA kwiCell C Sharks – esithole induku kuyo yonke imidlalo emine yokuqala ye-United Rugby Championship – kubuya uLukhanyo Am odlala enkabeni ukuba abe yingxenye yaleli qembu elizobhekana neConnacht yase-Ireland kulo mqhudelwano kusasa ngo-17h00 eHollywoodbets Kings Park, eThekwini. Ngowokuqala lo mdlalo oShaka bedlalela ekhaya selokhu uqalile lo mqhudelwano nonyaka. U-AM ubesekhefini njengoba ebeyingxenye yamaBhokobhoko aqukule iNdebe yoMhlaba ye-IRB ngenyanga edlule, eFrance. Yize engadlalanga kwazise wakhwela inqola isihamba – kuchitshiyelwa ngaye njengoba isikwati saqokwa elimele – uzowuqala umdlalo wakusasa. Nguyena kuphela kubadlali baleli qembu abakhululiwe. “UBongi Mbonambi noVincent Koch balimele amadolo. uKoch uzobuya ezinyangeni ezintathu ezizayo kanti uMbonambi kungase kuphele isizini engabonakali enkundleni. Abanye abadlali abebeyingxenye yamaBhokobhoko sebekulungele ukudlala, kodwa ngiqome ukubaphumuza njengoba sisabumba iqembu,” kusho umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree. Nokho uthe kodwa nakanjani, kuzomele laba badlali balindele ucingo lwakhe ngesonto elizayo. Mayelana nomdlalo wakusasa, uthe ubona abadlali bakhe baphambili bezoba sempini enzima, kwazise iConnacht ingelinye lamaqembu ase-Ireland anabadlali abanesipiliyoni kwazise kukhona asebeke badlala kwiNdebe yoMhlaba ye-IRB kumafolosi ayo. “Kuzomele sidlale kahle. Nginethemba lokuthi umdlandla uzobe uphezulu kubadlali bethu, nokuthi-ke abalandeli bazophuma ngezinkani ukuzoseseka,” kusho uPlumtree.

Previous articleKufunwa abagqekeze indawo egcine indebe yamaBhokobhoko
Next articleAmakhosi azohlinzekwa ngezokuphepha ezigodlweni