Ithemba le-IFP ngengqunguthela yayo yemigomo

260

INTATHELI YELANGA

I-IFP – eholwa nguMnu Velenkosi Hlabisa, ongumengameli – (osesithombeni) – yethemba ukuthi izoba yinkundla yezinkulumo ezivusa usinga futhi ezinombono ocacile ngekusasa ingqungquthela yayo yemigomo, okuhlelwe ukuba ithathe izinsuku ezimbili – okuwumhla ka-12 no-13 e-Imbizo Confrence Centre, eMpangeni. 

Ngokwesitatimende esikhishwe yileli qembu, lithe kuzoba nezingxoxo eziyisibani mayelana nemigomo yokubumba ikusasa lezwe, yithuba lokugudlana amahlombe – nabaholi, abashayimigomo nabanye abantu abanombono ofanayo noweqembu – kuchathekelwana ulwazi ngezinto ezibalulekile. Izithunywa zikhuthazwa ukubhalisela le ngqungquthela, okuzokwenzeka ngo-12:00 mhla ka-11. 

Previous articleThola ILANGA Lempelasonto kusasa (11 November 2023)
Next articleKuvele ezinye izisulu zomgwaqo “okukhonjwe” kuwona ungqongqoshe