Ithemba ngokunqotshwa kwendlala yamanzi eMkhanyakude naseZululand

288

PHUMLANI GAMA

KULOKOZA inhlasi yethemba ngokunqo-tshwa kwendlala yamanzi ezingxenyeni zezifunda ezimbili, okuwuMkhanyakude, neZululand njengoba uNgqongqoshe wezaManzi, uMnu Senzo Mchunu, ebe nomhlangano nabaholi balab’ omasipala mayelana nemisebenzi yokufakelwa kwamanzi emiphakathini abayiholayo. NgoLwesithathu, uMchunu ubehlangene noMnu Siphile Mdaka oyimeya yaseMkhanyakude, uMfu Thulasizwe Buthelezi oyimeya yaseZululand nezinye izinhlaka zezamanzi okubalwa kuzona inkampani esanda kuhlanganiswa, Umngeni-Uthukela Water eGhost Mountain Inn, eMkhuze.

Umemezele u-R2 billion wokufakwa kwepa-yipi elizodonsa amanzi edanyini elikhulu iJozini lize liyofika KwaMandlakazi, KwaNongoma. Uthe lo msebenzi uzokwenganyelwa yinkampani emenyezelwe yi-Umngeni-Uthukela. 

Okhulumela ungqongqoshe, uNkz Kamogelo Mokotsi, uthe uMchunu wethule le mali ngenhloso yokuba kuqhutshwe umsebenzi obese kunesikhathi waqala ukuhlonzwa.

Ekhuluma naleli phephandaba uMdaka, uthe: “Impela singamaqembu ahlukene (ezepolitiki), kodwa ukuhlangana kwethu kuzothela izithelo ezinhle ngoba thina siwuMkhanyakude, sikwamukele ukuthi ipayipi lamanzi lidonse eJozini ekubeni kuyithina esiphethe incwadi egunyaza ukuba sidonse amanzi kulona. Sizosebenza ngokubambisana noMasipala iZululand ngesizathu sokuthi ufuna into esiyidingayo nathi, okungamanzi. Sinethemba lokuthi u-R2 billion owethulwe ngungqongqoshe, uzoba yisixazululo kulolu sizi olubhekene nemiphakathi yakithi,” kusho uMdaka. 

phumlani@ilanganews.co.za

IMEYA yaseMkhanyakude, uMnu Sphile Mdaka noNgqongqoshe wezaManzi, uMnu Senzo Mchunu.

Previous articleIsexwayiso kubafundi abadinga uxhaso lweNSFAS
Next articleUMalema ubalule ukubaluleka kweKwaZulu-Natal kwezepolitiki