Ithembise lukhulu iMeya yeTheku eqokwe ngo-elethu

110

LUCKY CAIN

UTHEMBISE ukuqinisa amatomu zisuka uMnu Cyril Xaba (osesithombeni) ngemuva kokuqokwa ngo-elethu esikhundleni sokuba yimeya yeTheku emhlanganweni walo masipala obuse-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini namhlanje ngoLwesithathu. Ethula inkulumo yakhe uXaba uthembise ukusukumela inkinga yamanzi ehlasele ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwalo masipala, ikakhulukazi eHillcrest naseClermont.

ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

Uthembise ukuthi ngesonto elizayo uzobhalela imenenja yalo masipala, uMnu Musa Mbhele ngenhloso yokuthola ukuthi yikuphi okuholele ekutheni abantu abahlala kulezi zindawo bahlale isikhathi eside bengenawo amanzi. Akayishiyanga eyobugebengu njengoba ethembise ukuhlangana nazo zonke izinhlaka ukuqinisa amaxhama obudlelwano ukuze lo masipala uthuthuke.

ISITHOMBEMNYAKAZO (Video) NGU: LUCKY CAIN

Uthembise nokubambisana nazo zonke izinhlaka okuhlanganisa amakhosi, osomabhizinisi namaqembu ezepolitiki. UXaba – oneziqu zomthetho – uyimeya yesihlanu yeTheku ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi. Uthatha lesi sikhundla ebesiphethwe nguMnu Mxolisi Kaunda ojutshwe yiqembu lakhe kwiNational Council of Provinces (NCoP). UKaunda yena wayesithathe kuNkk Zandile Gumede, owayesithathe kuMnu James Nxumalo owayevulelwe indlela nguMnu Obed Mlaba.

Previous articleIyavuthwa ekaNgezana eyokuyobhekana nezinkunzi kwi-Uefa Champions League
Next articleUKhuzani usola oweMK ngokumfuna intshontsho kolwezisebenzi ezidiliziwe