Ithole isipho sikaKhisimusi intombi endala

936

UMnu Maphisa uthi ukwakhiwa kwendlu kagogo kube yinhlanganisela kasomabhizinisi nezisebenzi zikamasipala

IMEYA Mncedisi Maphisa ivula ngokusemthethweni indlu eyakhelwe uNkk Ella Dlamini, eNkongolwane, ngoLwesibili. Imeya ibiphelezelwa yizisebenzi zikamasipala.

THANDEKA NGOBESE

IJIKIJELWE ngezibusiso imeya entsha yaseBaqulusini, uMnu Mncedisi Maphisa, emuva kokuba umasipala wayo ngokubambisana nosomabhizinisi bendawo, bakhele umndeni wakwaDlamini eNkongolwane, eVryheid indlu enesithunzi emuva kokuba usuhlale isikhathi eside endlini enethayo.


UNkk Ella Dlamini (69) othi bese kuneminyaka ehlala endlini yodaka enethayo ngoba ubengenawo amandla okuzakhela, njengoba ephila ngesibonelelo sikahulumeni unikelelwe ngendlu entsha ngoLwesibili ngesikhathi lo masipala uqhuba imikha-khaso yokuphepha emigwaqweni kula maholide kaKhisimusi. UNkk Dlamini uthe uswele imilomo yokubonga, ubengazi ukuthi uNkulunkulu usamhlelela okuhle ngalo uKhisimusi. “Ngiswele imilomo yokubonga, ikakhulukazi kulo mfana okuthiwa yimeya.

Ngithi mfana wami uNkulunkulu akubusise. Lo mfana usemncane kabi ukuthi angenza izinto ezinkulu kanje. Ngibonga kini nonke, ningagcini ukusiza mina kodwa niqhubeke nakwabanye abaxakeke njengami,” kusho uNkk Dlamini. Ekhuluma neLANGA uMnu Maphisa ohola lo masipala uthe isimo esinzima ebesibhekene noNkk Dlamini sagqama ngeMandela Day, okuyilapho usomabhizinisi wendawo wacela ukusebenzisana nomasipala ukwelula isandla kulabo abadingayo.


“Sathi uma sibuka isimo sendlu kagogo, savumelana ngokuthi kumele athole usizo ngokushesha. Saqala sahlanganisa u-R60 000, kwaqokwa usonkontileka waqala umsebenzi. Indlu kagogo inekhishi, igumbi lokuphumula, amakamelo amabili okulala nendlu yangasese yase ifakwa ithangi lamanzi ujojo ngaphandle ukuze kubelula ukuthi athole amanzi umuntu omdala.


“Izikhulu zikamasipala ziphinde zafaka isandla emaphakatheni, kwathengelwa ugogo impahla yasendlini, usonkontileka obekade akha le ndlu wanikela ngokuthenga isiqandisi. Kalikho ngisho isenti eliphume kumasipala ngalo msebenzi, kube ngusomabhi-zinisi kwangenelela nezisebenzi zikamasipala. Sibonga ukuthi ugogo usezohlala endlini ehloniphekile,” kusho uMnu Maphisa.


Basuke ekunikeleni ngendlu bayoba nezivimbamgwaqo ukukhuthaza abashayeli ukuba bashayele ngokuphepha emgwaqweni. thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Previous articleUNcikazi ugonyuluka ngokubulala iPirates
Next articleUmshushisi ubulawe phambi kwenkantolo