ITogether Mzansi wumkhankaso wabantu bonke okuhloswe ngawo ukufukula imiphakathi yonke yaseNingizimu Afrika. Uyikhwelo kuyona yonke imiphakathi ukuba iphonse itshe esivivaneni emizameni yokuthola izixazululo ezinkingeni ezikhungethe izwe.
Sihlala silindele ukufingqa imikhono, sibambe iqhaza, sisize. Ukuphumelela kwethu kulele ekuphumeleleni kwemiphakathi yethu. I-Together Mzansi iqgugquzela umoya “wobuntu” ngoba umuntu ngumuntu ngabantu. Iphinde iqhakambise ukuthi izandla ziyagezana, okusho ukuthi usiza mina namuhla nje, mhlawumbe kusasa kuzoba yithuba lakho lokwemukela usizo.
Siyakholelwa ekusebenziseni igama leMcDonald’s ukwakha umbimbi namakhasimende ethu, izisebenzi zethu, izitolo ezisebenzisa igama lethu, abasihlinzeka ngezinsiza-kusebenza nezinye izinhlaka.
Siletha umehluko ngokufeza inhloso yethu yokuhlangana nemiphakathi silethe uguquko oluhle, ngomkhankaso ngamunye, emphakathini ngamunye, kumuntu ngamunye, ngengadi ngayinye ngesikhathi.
Izinyathelo esizithatha namuhla emiphakathini nasemhlabeni wethu zizoqinisekisa ukuthi ukuthi sakha ibhizinisi elingcono negama elizokwethenjwa nayizizukulwaze ezizayo.
Uma sithi “Together Mzansi”, siqonde ukuthi “Sisonke, Rekaofela”. Ngaphandle kwakho kasilutho.