Ezemidlalo Itshe limi ngothi kumqeqeshi weChiefs 15th September 2022 649 Abalandeli sebeqalile ukushaya amakhala ngo-Arthur Zwane SENZO SOKHELAITSHE limi ngothi kumqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur “10111” Zwane njengoba abalandeli bale kilabhu sebeqalile ukushaya amakhala ngaye. IChiefs izobhekana neSuperSport United koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-20h00 eFNB Stadium, eSoweto. IChiefs iya kulo mdlalo kubheda uhlelo njengoba ilele endaweni engeyinhle kwi-log. Ihleli endaweni yesithathu uma usuka emsileni. Emidlalweni ewu-7, isaqoqe amaphuzu awu-8 nje kuphela. Njengoba iya kulo mdlalo weSuperSport, abalandeli bayo kabeneme ngemuva kokuba iphunyuke kukubi ibambana neMarumo Gallants ngo-1-1 koweligi ngeSonto ntambama eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg.Abalandeli beChiefs ezinkundleni zokuxhumana bazwakalisa ukungenami ngoZwane njengoba iningi labo lithi kufanele ashenxe ngoba iChiefs ingaphezulu kwakhe. Abanye bathi makazanyelwe umqeqeshi onokhakhayi oluqinile, azoncela kuyena ulwazi ngoba kuningi okusafanele akufunde. Ngendlela isimo esiyiyona, ingcindezi ilokhu ikhula njalo kulo mqeqeshi odlale iminyaka eminingi kule kilabhu. Nokho yena ucela ukuba abalandeli abathukuthele behlise imimoya. Kuvela ukuthi abaphathi beChiefs basameseka ngokugcwele uZwane yize bengeneme ngesimo le kilabhu ekusona. Kuthiwa okwenza bangenami yimiphumela engemihle nokuthi uthengeliwe abadlali abebadinga kodwa kakunamehluko. Umdlalo weSuperSport ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba bekholwa wukuthi uma iChiefs ingehlulwa kuwona, kukhona okusina kumjeqeza uMangethe.Lo mqeqeshi uthi bazoy kulo mdlalo bezilungiselele ngokweqophelo eliphezulu. “Abadlali bethu abaningi bebengekho kulo mdlalo wethu odlule (neMarumo) engingabala kubona uSiyabonga Ngezana, uCole Alexander, uKhama Billiat, uReeve Frosler noNkosingiphile Ngcobo ngenxa yezizathu ezahlukene. “Sizosebenzisa lezi zinsuku ezimbalwa ezisele ukubhekisisa kahle ukuthi kulaba badlali abebengekho yibaphi abazokhuza ibuya. “Sidinga bonke abadlali bethu ukuze siwulungiselele kahle lo mdlalo,” kusho uZwane. Amathikithi alo mdlalo ayatholakala kwi-inthanethi ku:www.ticketmaster.co.za noma ezitolo zakwaShoprite noCheckers ezweni lonke. Abiza u-R60. Namuhla ngoLwesine nakusasa ngoLwesihlanu azobe edayiswa eFNB Stadium phakathi kuka-13h00 no-17h00.Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ngale mpelasonto iqhathwe kanje:- NGOMGQIBELO ENelson Mandela Bay: Chippa United vs Marumo Gallants FC 15h00. EPrincess Magogo: Golden Arrows vs Swallows 15h00. EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs Stellenbosch 17h30. E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs SuperSport United 20h00. NGESONTO ELoftus Versfeld: Mamelodi Sundowns vs AmaZulu 15h00 EKing Goodwill Zwelithini Stadium: Richards Bay FC vs TS Galaxy 17h30.