“Itulo” ngothisha besithembu

1495

Bamiselwe ukusolwa ngokujola nomfundi oyedwa

MTHOBISI SITHOLE
KUVELA izinsolo zempi yangaphakathi esikoleni saseMlazi, uMlazi Comprehensive Technical High School, ILANGA langoMsombuluko elilobe ukuthi kunoshisha besilisa ababili abamisiwe ngezinsolo zokujola nomfundi wakwaGrade-12.

Labo thisha – okungofundisa iMaths nowe-Accounting – bazifikele mathupha emahhovisi
eLANGA izolo ngoLwesithathu behamba nommeli wabo, u-Adv Bonokwakhe Dlamini, osonge ngokuthi lolu daba luya enkantolo, ufuna ukwenza isibonelo ngomnyango.

Ngokombiko weLANGA ngoMsombuluko, labo thisha bamisiwe njengoba kuthiwa omunye wabanjwa oqotsheni ngozakwabo eqabula umfundi endlini yangasese engaphakathi emtapweni wolwazi wesikole.

Nokho labo zakwabo okuthiwa bambamba, nabo abebekhona izolo, bayiphika bahlanza abakudle ngayizolo eyokuthi babhadama lo thisha eqabula umfundi.

ILANGA lithole ukuthi kuliwa izimpi zangaphakathi njengoba nalo mfundi okuthiwa “unesithe-mbu” sothisha ebhale incwadi efungelwe emaphoyiseni ngoMsombuluko, ethi akulona iqiniso ukuthi uthandana nabo nokuthi uke wathandana nomunye nyakenye, kodwa wayephoqiwe, esatshiswa ngesikhathi evuma lokho.

Ngokwencwadi yalo mfundi efungelwe, ILANGA eliyibonile, uthi akazi ukuthi kwakukhulunywa ngani ngesikhathi bethi yena uthandana nothisha.

Uthi wayevalelwe ngabaphathi besikole ngalolu suku, eshushiswa. Uyaziqhelelanisa nezinsolo zobudlelwano bothando nothisha, uthi akaze ahlangane nothisha endlini yangasese.
Nalabo thisha okuthiwa bambamba lo mfundi, bakhala bayaziginqa, bathi kusetshenziswa amagama abo ukulwa izimpi.

ILANGA lizibonile nezincwadi ezifungelwe emaphoyiseni ezibhalwe yilabo thisha.
Omunye wabo uthi ntambama mhla ka-2 kuNtulikazi (July), babona umfundi ephuma endlini yangasese yabesilisa esemtapweni wolwazi esikoleni, bambuza ukuthi ufunani kuyona ngoba ngeyabesilisa, wathi ubengazi.

“Kuthe sisayithethisa ingane, kwaqhamuka inhloko yomnyango wesinye sezifundo, yabuza ukuthi kwenzenjani, sathi sithethisa umfundi ukuthi uyisebenziseleni indlu yabesilisa.

“Yaxolisa ingane kwaphela kanjalo, yahamba yaya ehostela lapho ihlala khona nezinye. Inhloko yathi masibike kwisekela likathishanhloko, singahambi singakwenzile lokho.

“Sakwenza lokho, kwaba yindaba enkulu yaze yalandwa ingane endlini. Kwase kuphume nesikole kwenzeka yonke le nto, sahamba besaxoxa nayo ingane. Sathuka sesithola ukuthi embikweni obhalwe ngabaphathi besikole, kuvela ukuthi thina sivumile ukuthi sazibonela ingane iqabulana nothisha. Thina sabona ingane iphuma endlini yangasese, akekho umuntu wesilisa esake sambona phakathi,” kusho uthisha.

Isitatimende sakamuva somfundi sithi omunye wothisha ababemshushisa, wabuza ngobudlelwane bakhe nothisha ababili okuthiwa uthandana nabo, esatshiswa.

Omunye wothisha abamisiwe uthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nothisha-nhloko, baxabana nyakenye kade kunecala phakathi kuka-matron wesikole nothishanhloko, udaba lwaze lwafinyelela emnyangweni wezisebenzi.

Uthi wazigxoba ngetshe kwandawo ngokuthi akazange afakaze ngasohlangothini oluvuna uthi-shanhloko ngesikhathi kuqulwa icala. Omunye uthe uthuke kabi ebhecwa ngalezi zinsolo.

Uthe ngolunye usuku kwafika inhloko yakhe njengoba efundisa iMaths kwaGrade-12, yathi ithunywe uthishanhloko ithi mayimeluleke ngokuthi asule emsebenzini ngoba uyathinteka ecaleni lokuthandana nomfundi.

“Kangizange ngikuvume lokho ngoba kwakuzobe kusho ukuthi ngiyalazi icala,” kusho lo thisha.

Othisha bamiswe yiNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enoch Nzama.
Encwadini ababhalele yona, uthe basolwa ngokuziphatha ngendlela engamukelekile emsebenzini, ngakho-ke bangasondeli emagcekeni esikole, bashiye konke okokusebenza.

Uphenyo kuthiwa luzothatha izinyanga ezintathu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe uphenyo lomnyango yilona oluzocacisa konke.

“Uma sidinga ulwazi oluthile oluphathelene nophenyo lothisha, sizobabiza bazochaza,” kusho uMnu Mthethwa.

Previous articleKunconywa iChiefs ngokumisa uBobby
Next article“Uzibulale phambi kwasekhweni ecikwa wukuqoma kwengoduso”