Iveze eyokungawazi umbhede selokhu yagana inkosikazi yesikhulu se-IFP

105

NONHLAKANIPHO SHINGA

IVEZE eyokungawazi umbhede selokhu yagana – yathi ibilaliswa phansi – yaveza “ihhoko” ethi ibelaliswa kulona inkosikazi kaMnu Sanele Zondo ongusihlalo we-IFP Youth Brigade (IFPYB) futhi oyilungu lephalamende – osamisiwe kulezi zikhundla emuva kokuvela kwezindaba zomkakhe ezinkundleni okuxhumana. UNkk Simenyiwe Zondo (28), ufake isithombemnyakazo (video) egeqa amagula ngobudlelwano bakhe nomyeni wakhe, athi buyamhlukumeza.

Uveze ukuthi selokhu bashada ngoNdasa (March) walo nyaka, akahleli ngemfundumalo emzini futhi kunezethembiso eziningi uZondo angazifezile. “Selokhu ngashada, ngilala phansi, ngihlaliswa ehhokweni. Kanginalo ngisho ikhabethe lokufaka izingubo zami njengoba zibekwe phansi nje. Ngisho nazo izingubo zesikhulu senu, zihlala kanje,” kusho yena.

Ebuzwa ngabalandeli bakhe ukuthi ngesikhathi egcagca, kungani ifenisha yayingekho ngoba kufanele ngabe ulala kuyo, uthe: “Isikhulu senu sathi sicela ukungayithengi ifenisha ngoba singakhela umuzi eRichards Bay, sizofaka amakhabethe akhelwa odongeni. Wathi uma eseqedile ukungakhela umuzi, uzobe esebiza abazali ayobakhombisa ifenisha. Kunezinkomo angazikhokhanga ngoba kuthiwe uzothenga ngazo ifenisha,” kusho uNkk Zondo.

Kulesi sithombemnyakazo ubiza indlu abehlala kuyona ngehhoko lezinkukhu. Uveze ngisho nemiyezane yakhe ilenga odongeni, wathi wathola iziqu, umyeni wakhe wathi makahlale phansi, uzomondla. Uveze nesiqandisi (fridge) esingenakudla, wathi akondliwa.

Phambilini uNkz Zondo, waveza nokuthi umyeni wakhe ubemshaya, ambulale nangendlala yocansi. Wathi wamshaya waze wabaleka emzini wakhe, wayozama ukuvula icala emaphoyiseni.

Ngokusho kukaMnu Mkhuleko Hlengwa we-IFP, uZondo unikwe isikhathi sokulungisa izindaba zomndeni wakhe.
Uthe nabo beyiqembu bazokwenza olwabo uphenyo ngalolu daba, bese umbiko bewudlulisela esigungwini esiphezulu saleli qembu.

Previous articleUbophele omaskandi owamahhashi eMgungundlovu
Next articleInkosi neziyalo ezijulile emndenini kaShenge kwenziwa ihlambo lakhe